LUFISA ukuthi uhambo lwalo ebholeni lugqugquzele abalandela ezinyathelweni zalo uqweqwe lomqeqeshi lwakuleli, uPitso Mosimane, ohlonishwe ngeziqu zobudokotela.
UMosimane ozohlanganisa iminyaka engu-60 kusasa, uthweswe iziqu zobudokotela yi-University of Johannesburg ngenxa yamagalelo akhe ebholeni lakuleli.
Esengumdlali wagijima kwiJomo Cosmos, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Phesheya wadlalela iNikos Alefantos yaseGreece, iKFC Rita Berlaar yaseBelgium ne-Al Sadd yaseQatar.
Waqala ukuqeqesha ngo-1995, wabamba izintambo kwiSuperSport United, Mamelodi Sundowns neqembu lesizwe iBafana Bafana kuleli.
Ukuwola izindebe neSundowns kwaholela ekutheni aqashwe yiqembu lase-Egypt, i-Al Ahly, waphinde waqeqesha i-Al Ahli yaseSaudi Arabia, i-Al Wahda yase-United Arab Emirates ne-Abha FC yaseSaudi Arabia, ahlukane nayo ngoJanuwari nonyaka.
“Lokhu kuwubufakazi bohambo olumangalisayo engiluhambile ebholeni. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ibhola lingangivulela iminyango engaka. Lingiyise ezindaweni eziningi emhlabeni, lafeza amaphupho ami,” uphawule kanje uMosimane.
“Linginike ithuba lokuhlangana nabantu abahloniphekile emhlabeni, ngaphinde ngakwazi nokuthuthukisa impilo yami, impilo yomndeni, neyezizukulwane ezizayo. Ngikwazile ukuhlangana nabadlali nabaqeqeshi abahamba phambili emhlabeni, abaqhamuka eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.
“Engikufunde ebholeni akungisizanga enkundleni kuphela kodwa nasempilweni. Lingifundise ukuqina ngokomqondo, ukubambisana nabanye, nokulwela ukuthuthuka ngaso sonke isikhathi. Ngithanda ukusho kubo bonke abasebasha abafisa ukulandela ezinyathelweni zami ukuthi imfundo iwukhiye empilweni.”
Phakathi kwezicukuthwane ebezihambele lo mcimbi bekukhona owayengumengameli weSafa, uMolefi Oliphant, osephethe lesi sikhundla kule nhlangano uDanny Jordaan, nenkakha yebhola uJomo Sono, bobathathu asebahlonishwa ngeziqu zobudokotela.
UMosimane ubabonge bonke, wabonga usihlalo wePremier Soccer League, u-Irvin Khoza, owayengumengameli weSafa, uKirsten Nematandani, amaqembu aseke asebenza kuwona kanye nomndeni wakhe ngokumeseka.
“Ngifuna ukukhumbuza wonke umuntu ukuthi ibhola akuwona umdlalo nje Linamadla okushintsha impilo yabantu. Ngithemba ukuthi uhambo lwami luzokhuthaza abanye ukuthi bafeze amaphupho abo,” uqhube kanje.
“Ngibonga kakhulu ngokuhlonishwa ngale ndlela futhi ngizoqhubeka nemizamo yokuba yisibonelo esihle enkundleni nangaphandle.”
Njengoba amaqembu amaligi amaningi emhlabeni elungiselela ukuqala kwesizini ka-2024/25, akukacaci ukuthi uMosimane usazoqhubeka nokudla endala noma likhona iqembu elizomthatha.
Kule zinsuku ubematasatasa nohlelo lwakhe lokuthuthukisa abadlali abasebancane, iPitso Mosimane Soccer Schools.