UMDLALI weRoyal AM, u-Elias Pelembe, udalula okumakhela ugazi ebaqeqeshini beDStv Premiership, phezu kokuba esehanjelwe yiminyaka.
UPelembe (39) waseMozambique, ubalwa nabadlali abadala kwiPremier Soccer League (PSL). EMzansi kujwayelekile ukuthi abadlali abaneminyaka engaphezu kuka-30 bangabe besawathola amaqembu. Iningi liyaphoqeleka ukuwaphanyeka emgibeni amakhokho. Nokho uPelembe, owafika eMzansi ngo-2007, ezodlala kwiSuperSport ngaphansi kukaGavin Hunt, akaze ahlale isizini engenalo iqembu.
Usewine zonke izicoco ezikhona kwiPSL okubalwa eseligi, MTN 8 neseNedbank Cup, emaqenjini ayisihlanu asedlale kuwona eMzansi okubalwa iMamelodi Sundowns neBidvest Wits.
"Ngiwuhlobo lomdlali olufuna ukuwina noma yikuphi lapho ngiya khona. Ngisenalo ugqozi lokudlala nokuwina. Angizitheli ngabandayo. Yingakho kulula emaqenjini ukuza kimina ngoba ayazi ukuthi ngizinikela ngakho konke enginakho. Angifuni ukunethezeka. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi umdlali obedlala eqenjini elikhulu uzithela ngabandayo uma esefike kwelincane. Anginawo lowo mqondo. Ngisafuna ukuwina, iminyaka yami yobudala ayisho lutho. Ngisalambele ukuwina. Nginothando lwebhola. Ngiyazi ukuthi ukuze ngihlale ngisesimeni kufanele ngizinakekele, ngibheke indlela engidla ngayo," kuchaza uPelembe.
UPelembe uzothwala amathemba e-AM, uma isibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup, ngeSonto ntambama eChatsworth Stadium. I-AM iya kulo mdlalo ivunywa wumlando ngoba ayikaze yehlulwe yiChiefs, uma kudlalwa eChatsworth.
"Ngicabanga ukuthi yithuba lokuwina indebe. Lona kuzoba wumdlalo onzima ngoba owomkhumulajezi. Emdlalweni wendebe awukho umusa. IKaizer Chiefs iyiqembu elinabalandeli abaningi futhi kwesinye isikhathi alikuzwa ukuthi lidlalela ekuhambeni. Ngakho siyazi ukuthi kuzoba nzima. Kodwa siziqeqeshile, sizowulungiselela kahle umdlalo ukuze sizame ukuwunqoba. Umdlalo owomkhumulajezi uhlala unezimanga, ngeke wazi ukuthi kuzokwenzekani. Sikulungele ukuthi abalandeli beChiefs bazotheleka ngobuningi nakuba kuyithina esidlalela ekhaya," kusonga uPelembe.