UNCOME abadlali bakhe umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, ngemuva kokubambana ngo 0-0 ne-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership, eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Lo mqeqeshi uthe wethemba ukuthi uzobona ukulwa okufanayo nasemidlalweni ezayo.
Ukubeke kwacaca ngaphambi nangemuva kwalo mdlalo ukuthi akaneme ngesikhathi abasitholile sokuphumuza abadlali nokulungiselela ukubhekana namaBhakabhaka, ekubeni bedlale oweCarling Knockout Cup neKaizer Chiefs eGoli ngoMgqibelo odlule.
Nakuba bethole iphuzu kwiPirates kodwa bathwale kanzima njengoba belinyalelwe yizitobha ezimbili, uTaariq Fielies noVeluyeke Zulu, kanti nabadlali abanjengoWayde Jooste noJunior Dion nabo bebebonakala bedonsa kanzima kulo mdlalo.
“Ngeke ngikhathale ukusho lokhu. Ngibusisiwe, ngineqembu eligcwele amaqhawe. Abantu abazimiselayo noma ngabe kunzima kangakanani. Abantu ababeka impilo yabo nemisebenzi yabo engcupheni ukuze basize iqembu,” usho kanje lo mqeqeshi.
“Ngizophinda ngithi bekungafanele sidlale ngaphansi kwalezi zimo kodwa iPSL yanquma ukuthi akumele sibe nesikhathi sokulungiselela umdlalo nesikhathi sokuphumula. Abadlali bayalimala, sibeka imisebenzi yabo engcupheni. Yinto okumele sonke siyicabange. Abayona imishini ngisho noma bebonakala besebenza njengemishini.
"Ngiyabancoma ngabakwenzile. Asizange sidlale ibhola elihle kodwa bazinikele kakhulu. Ukuthola iphuzu kufana nokuthola igolide. Sesidinga ukuphothula isonto kamnandi yize sinomunye umdlalo onzima ngoMgqibelo.”
Leli phuzu libeke Usuthu endaweni ka-10 kwi-log ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisishiyagalolunye. Umdlalo walo olandelayo kuzoba ngomunye weligi neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo ngo-5.45 ntambama.
“Ngiyazi ukuthi leli qembu lisazoqhubeka nokwenza ebelikwenza kuze kube manje futhi sizolwa nakulowo mdlalo. Ngithemba ukuthi singawathola womathathu amaphuzu,” uqhube kanje uMartin.
“Okwamanje asazi ukuthi isimo sabadlali sizobe sinjani kodwa ngiyethemba ukuthi abekho abalimele kakhulu. Asinabo abadlali abaningi esingakhetha kubona, ikakhulukazi uma kulimala labo abadlala endaweni efanayo.”