USIHLALO weSwallows FC, uDavid Mogashoa, ugixabeze uMusa Nyatama, ngesikhundla sokuqeqesha leli qembu ngokugcwele kanye nelungelo lokuziqokela iphini lakhe.
Kule sizini yePremier Soccer League esongwa ngempelsonto, uNyatama usize Izinyoni zabalekela izembe kwiDStv Premiership, ebanjiswe lesi sikhundla kulandela ukushiya isigubhukane kuka-Ersnt Middendorp.
Uqale ukubamba isikhundla emuva kokushiya kukaDylan Kerr. ISwallows igcine iqede endaweni yesishiyagalombili inamaphuzu angu-40.
Ohlelweni lomsakazo kwiVuma FM, iMarawa Sports Worldwide, ngoLwesibili ebusuku, uMogashoa ukuqinisekisile ukuthi uNyatama uzohola iSwallows ngokugcwele ngesizini ezayo. Lezi zindaba zilandelwe wukuqokwa kukaNyatama njengomqeqeshi wenyanga uMeyi, iDStv Premiership Coach of The Month.
"Uma ubuka imiphumela yakhe ayimibi. Ngesikhathi ethatha izintambo kuKerr ubengenazo iziqu kodwa manje uno-CAF C License. Manje sekusezandleni zami ukuthi ngakuzuzile neqembu uMusa uyaqhubeka nomsebenzi nokuthi ngimvumele athole umuntu azosebenza naye ethimbeni labaqeqeshi," kusho uMogashoa.
"Ngeke ngiqashe muntu kuleli thimba kodwa uMusa uzoqasha lowo muntu ukuze uma eyokwenza iziqu zeCAF B Licence ngaphandle kwezwe, ngoba iSafa ayiwenzisi, lowo muntu aqhubeke nomsebenzi. Yilokho esizosiza ngakho umqeqeshi uMusa. Uzoba ngumqeqeshi weSwallows ngokugcwele. Ngeke esabamba. Uma senza amalungiselelo okuqala kwesizini uzobe engumqeqeshi weSwallows."
UNyatama uzwakalise ukujabula kwakhe ngokunikwa umsebenzi wokuhola Izinyoni.
UMogashoa uphinde waqinisekisa ukuthi uzoqhubeka nomsebenzi wokuba yinhloko yabaqeqeshi uMorgan Mammila osekusabalele imibiko yokuthi angase aphindele kwiChippa United.