UZWAKALA esesabela impilo yakhe nokuphelelwa yithemba lokubuyisa injabulo eNaturena umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki.
Lo mqeqeshi usenuka iqaqa kwabanye abalandeli baMakhosi abahluleka nokuzibamba njengoba bephinde bazama ukumhlasela ngempelasonto.
Ngemuva kokuthi Amakhosi ewashiswe ijezi wuSuthu ngo 1-0 kwiCarling Black Label Knockout eFNB Stadium, uNtseki uphinde waphuma kule nkundla ngesamagundane ngenxa yabalandeli abebesho ukumudla luhlaza.
Uphume esegadwe ngabakwasidlodlo, wangakwazi nokukhuluma nabakwaSuperSport njengoba kuhlezi kwenziwa. UCarol Tshabalala osebenzela lesi siteshi sethelevishini, uthe kunabalandeli abajikijele izinto enkundleni, umqeqeshi usekhishwe egadiwe.
Bekungokwesithathu kwenzeka lesi sehlakalo selokhu kuqale isizini nokusho ukuthi iChiefs kungenzeka ibhekane nesigwebo sokudlala ngaphandle kwabalandeli.
UNtseki uqale ukuhlaselwa emdlalweni wesine beshaywa iTS Galaxy ngo 1-0 koweDStv Premiership, eMbombela Stadium. Ubuye waphuma ngesamagundane ePeter Mokaba Stadium, ezakhe zishaywa iSuperSport United, ngoSepthemba.
IChiefs esineminyaka eyisishiyagalombili inganqobi isicoco, isilahlekelwe ezimbili kule sizini ngaphansi kobuholi bukaNtseki othathe izintambo ku-Arthur Zwane ekuqaleni kwesizini, okuyiMTN8 neCarling KO njengoba kungayibambeli kahle nakwiligi.
Esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo woSuthu, uNtseki uveze ukuthi uma ezakhe zihlulwa usehlale ecabanga ukuthi kuzokwenzakalani ngemuva komdlalo.
"Kumdlalo ngamunye sengihlale ngicabanga ukuthi ungowokugcina kimina ngenxa yokuphikwa imiphumela. Kungokwesithathu ngihlaselwa. Lokhu akugcini ngokuhlukumeza mina kuphela, kuhlukumeza nabadlali. Uma bebona okwenzeka kumqeqeshi wabo bayazibuza ukuthi kazi kusasa kuzokwenzeka kubani," kubeka uNtseki esithangamini sabezindaba.
Usole abalandeli bebhola lakuleli ngokuhluleka ukubekezela.
"Umqeqeshi waMaZulu (uPablo Martin) uqeda kusho into ebaluleke kakhulu. Ngesikhathi efika uqale wakha iqembu. Bebengayitholi imiphumela egculisayo. Ngenxa yoxhaso aluthole kubaphathi beqembu nakubadlali, namuhla usekhuluma ngokuzethemba ngenxa yokuthi sebeyayithola imiphumela egculisayo. Inkinga enkulu ngabalandeli bebhola baseNingizimu Afrika ukuthi abasekani, bayahluleka ukubekezela uma imiphumela iphika.
"Kuyihlazo ukwenzeka kwesehlakalo esifana nalesi ebholeni lethu. Kodwa-ke ngiwubani mina ukuvimba izehlakalo ezifana nalezi. Ekugcineni kuyangikhathaza lokhu, ngiwumuntu onomndeni, ngibuye ngibe wumuntu waseNingizimu Afrika. Kuyakhathaza ukubona abantu bengakubekezeleli phezu kokusebenza kanzima. Ekugcineni wumdlalo webhola lo. Uyayinqoba eminye imidlalo uphinde udliwe. Ngesikhathi uqashwa njengomqeqeshi nomnyango wokuxoshwa uyavuleka. Uma ungayitholi imiphimela kumele ukulindele ukuxoshwa.“
UNtseki ucele abalandeli ukuthi balandele isiqubulo seChiefs esithi “Abafana Bokuthuka Noxolo.”
"Ukuze siye phambili kumele sizinuke siphinde seseke leli qembu elihle. Uma sileseka kusho ukuthi sithanda wonke amalungu alo mndeni. Isiteketiso seChiefs esithi uthando noxolo, yiso esiyigcine kule minyaka ewu-53 eyedlule. Lokhu kusazoqhubeka. Izehlakalo ezinjena zakhela iqembu isithombe esibi. Ngiphoxekile, akukho esesingakwenza ngalo mphumela. AmaZulu asidlile, asisayi emzuliswaneni olandelayo," kuqhuba uNtseki onqabile ukuphendula ebuzwa ukuthi usawubona uphephile na umsebenzi wakhe?
NgoMgqibelo, iChiefs izovakashela iLamontville Golden Arrows, koweDStv Premiership, eMpumalanga Stadium, eThekwini.
UMartin uthe ukushaya kwabo iChiefs kusho lukhulu.
"Ngiwumqeqeshi ojabule ngendlela eyisimanga. Sidlale kahle kakhulu saphinde sawuphatha umdlalo. Nakuba iChiefs ibidlala kahle kodwa sakhe amathuba amaningi kunayo. Ngijabule ngendlela iqembu lami eselithuthuke ngayo. Sihlale senza isiqiniseko sokufunda emaphutheni ethu. Abadlali bami bamake kahle kakhulu nakuba ngikholelwa ekutheni besingenza kangcono," kubeka uMartin.