NAKUBA uMolefi Ntseki ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ethi wanelisekile ngendlela abadlala ngayo kodwa uzwakala engakabi naso isiqiniseko sokuthi kushoda kangakanani ngaphambi kokuthi iqembu lingene khaxa esitayeleni asifunayo.
Ngempelasonto edlule iChiefs iyeke ithuba lokuqoqa amaphuzu agcwele koweDStv Premiership, ibanjelwa ekhaya ngo 0-0 yiRoyal AM eFNB Stadium.
EzikaNtseki bezinalo ithuba lokuwunqoba umdlalo ngenxa yamathuba amagoli eziwakhile. Ipali zilikhahlelele kawu-18 kodwa aba mabili kuphela amabhola abe yingozi.
Umdlalo abewuphethe njengoba ibe u-59% womdlalo bekungowazo.
I-Chiefs isinamaphuzu ayisishiyalombili emidlalweni eyisithupha. Phezulu kwi-log kuhleli iMamelodi Sundowns enamaphuzu awu-18. Indawo yesibili isabanjwe yiLamontville Golden Arrows nayo ehlulekile ukunqoba ibanjwa yiStellenbosch ngo 0-0 komunye umdlalo weligi.
Iye kwiRoyal kwedlule yeDStv Premiership ishaye iStellenbosch naMaZulu kulandelana. Ngemuva koweRoyal, uNtseki uncome abadlali ngokulandela imiyalelo yakhe.
"Kube yibhadi ukuthi singawunqobi lo mdlalo. Siyeke inqwaba yamathuba. Besinamaqhinga amahle okudlala ibhola lokuhlasela, umdlalo besiwuphethe.
Lilonke, ingijabulisile indlela abafana bami abadlale kahle ngayo. Siphoxekile ngomphumela. Okubalulekile wukuthi uma sesibuyela ejimini sizame ukwenyusa ukuzethemba kubadlali bethu," kubeka uNtseki.
Kubukeka sekuyiculo lemihla kulo mqeqeshi eyokuqhakambisa eyokudlala kahle kodwa aphinde akhale ngokuba buthuntu phambi kwamapali.
Akaphumanga nempendulo ecacile ebuzwa ukuthi ubona sekushoda kangakanani ekutheni iqembu lakhe libe yile nto ayifunayo.
"Kungabe ngenza iphutha uma ngingathi sishoda ngo-20%, 40% noma u-80% ekutheni sidlale ngendlela esiyifunayo. Usemningi umsebenzi.
Namuhla kudlala kahle umdlali othile, bese kusasa kube womunye. Ekugcineni bonke abadlali kumele badlale kahle. Konke akuncikile ekutheni iqembu lidlala kahle kangakanani.
Kuqala endleleni yokudlala kumdlali ngamunye. Kumele akwazi okulindelwe kuye. Ziningi izinto ezibhekwayo. Uma sezihlangene zonke angingabazi ukuthi sizoba nesizini enhle.“
UNtseki uqale umdlalo ngoJasond Gonzalez, ongumgadli omusha waseColombia.
Nakuba bekungowukuqala weligi kodwa uke wabonakala engena esiwombeni sesibili bebhekene neSundowns kowomlenze wokuqala kowandulela owamanqamu weMTN8. NoweRoyal akawuqedanga.
"Uwumdlali wezinga eliphezulu, yingakho iqembu limsayinisile. Nasemdlalweni weSundowns wenze kahle kakhulu. Ubukeka ezoba wusizo olukhulu, uhlale ekulangazelele ukuba senkundleni. Asimnike ithuba, kusamele afunde neligi asedlala kuyo,“ kusho uNtseki.
NgoLwesithathu iChiefs izobhekana neSuperSport United, eMoses Mabhida Stadium bese ngoMgqibelo ivakashela iSundowns, eLucas Moripe Stadium, emlenzeni wesibili weMTN8.