KUMQINISE idolo ukubuya kukaKeagan Dolly, uMolefi Ntseki weKaizer Chiefs, ozibophezele ngokuthola isisombululo ngokuhluleka kweqembu lakhe ukugcina umgqigqo wokunqoba emidlalweni yeDStv Premiership.
IChiefs iphinde yathola umphumela ongamukelekile ngokusho kukaNtseki ngesikhathi ishaywa yiCape Town City ngo 1-0 wegoli likaKhanyiso Mayo eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Nakuba uNtseki ebuyele ekhaya engeneme ngenxa yomphumela kodwa uthe ukululama komdlali omqoka njengoDolly kungase kube iwona ukhiye abeshoda ngawo.
UDolly wagcina ukubonakala enkundleni ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.
Ngaphandle kokuyekwa kwamathuba asobala, lo mqeqeshi ukhala kakhulu ngokubamba umgqigqo okuyiwona oyindlela ezobanombelisa kwi-log.
“Nathi singabaqeqeshi kufanele sizinuke amakhwapha ngemiphumela ngoba akukho engingakhala ngakho kubadlali futhi ngeke ngibagxekele amathuba abawayekile,” kusho uNtseki esithangamini nabezindaba e-FNB Stadium.
“Kusobala ukuthi kufanele sibhukule ngoba abadlali bakwenza konke esibacela khona. Kuyajabulisa ukubuya kukaDolly ngoba ungumholi okungenye yezinto esizidinga kakhulu enkundleni.
“Nakuba engakabi qatha ngokwanele kodwa ukubuya kwakhe kusinike ithemba lokuthi yena uzokwazi ukubelusa ozakwabo njengoba kade enza ngaphambi kokuthi alimale,” kuqhuba lo mqeqeshi.
UNtseki uzibophezele ekuphumeni nesisombululo ngokubamba umgqigqo.
“Sineme ngakho konke kodwa kunemidlalo esilahla kuyona amaphuzu kungafanele. Besiwuphethe ngayo yonke indlela oweCity kodwa sagcina sikhale ngaphansi.
“Yebo kunzima kodwa sizolithola maduze iqhinga lokubamba umgqigqo nokugwema imiphumela engemihle isidingo singekho.”
Ngaphambi kokuqala komdlalo, unozinti uBrendon Petersen noGeorge Matlou, badonseke ngokwahlukana imisipha okungenye yezinto lo mqeqeshi athi zimphazamisile.
“Akuyona indlela yokucasha ngesithupha lena ngoba bonke abadlali esinabo emabhukwini kufanele bakwazi ukungena noma inini, benze lokhu okulindeleke kubona kodwa ukulimala kwalaba badlali ababili, kukhona lapho kusiphazamise khona,” kusho uNtseki.
Lokhu kudale ukuthi umdlalo uqalwe, u-Itumeleng Khune ezintini noYusuf Maart, abebengekho ezinhlelweni zikaNtseki ukuqala umdlalo, ngokusho kwakhe.