AKUKHO angakwenza ukushintsha ingqondo yabamgxekayo umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, ngaphandle kokuqhubeka nokuthola imiphumela encomekayo ngoba vele wehlulelwe engakawuqali nokuwuqala lo msebenzi awuthathe ngesikhathi kuvale isizini.
UNtseki ukusho lokhu ngemuva kokunqoba kweChiefs ngo 2-1 idlula kwiCape Town City kuma-quarterfinal eMTN8 ngeSonto, e-Athlone Stadium.
Sekungumlando ukuthi lokhu kunqoba kumnike ithuba lokulwela ukubuyisa izinduku njengoba beqhathwe neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu. ISundowns isanda kuthela phansi iChiefs ngo 2-1 koweDStv Premiership.
EzikaNtseki yizona ezizobe zingosokhaya emlenzeni wokuqala bese zidlala owesibili ekuhambeni.
Ngesikhathi iChiefs imemezela uNtseki njengomqeqeshi obezothatha isikhundla, sika-Arthur Zwane, abanye babalandeli beChiefs abazange bakufihle ukuthi lesi sinqumo abahambisani naso.
Ngaphandle kokuthi bebenenkinga yokuthi uNtseki uqashwa kanjani ekubeni ebeyinhloko ebhekele konke obekwenzeka ngaphansi kwesandla sikaZwane, bekungabahleli kahle nokuthi akanawo umlando wokuqeqesha esigabeni esikhulu sebhola lakuleli.
Okunye obekwenza lesi sinqumo sibathuse (abanye babalandeli beChiefs), ukuthi bakhombise injabulo nokubuyelwa ithemba ngesikhathi iqembu labo limataniswa noNasreddine Nabi, owuqweqwe lomqeqeshi waseTunisia, obezofika nesithunzi kwazise ubegila izimanga kwiYoung Africans FC yaseTanzania.
“Engingakusho mayelana nokwahlulelwa kwami ngalo msebenzi ukuthi ngiyaliqonda isikompilo laseNingizimu Afrika, lapho udwetshwa njengento engelutho ngisho ungakazalwa,” kusho lo mqeqeshi esithangamini nabezindaba.
“Okusemqoka kimin a ukubonga abaphathi nabalandeli ngemiphumela emihle. Umsindo uzokwehla njengoba kwenzekile nangabaqeqeshi obekuthiwa bazojoyina iChiefs.
“Isinqumo sokuqasha mina sithathwe ngaphakathi ngenhloso yokuqhuba umsebenzi omuhle obuvele wenziwa uZwane nethimba lakhe.
“Ngenhlanhla konke obekwenzeka bengikwazi ingakho kubelula ukuthi iqembu nami sivumelane ngokuthi ngiqhubeke nalokhu okuhle ebese sivele sikuqalile,” kulandisa uNtseki.
Lo mqeqeshi uthe phansi amaphaphu ngesitobha esisha, uThatayone Ditlhokwe, olimale ehlombe kwaphoqeleka ukuthi akakhishwe kufakwe, uNjabulo Ngcobo.
“Akukubi kangako ngokusho kodokotela kodwa futhi sizohlala isonto lonke singadlali ngakho-ke leso sikhathi sizosisebenzisa ukuqinisekisa ukuthi bonke abadinga usizo lodokotela baluthola ngesikhathi.”
U-Eric Tinkler weCity ubengenankinga nomphumela yize ebefisa ukudlulela esigabeni esilandelayo.
“Akukho engingakhala ngakho kubadlali bami ngaphandle kokwamukela ukuthi inhlanhla isiphikile kulo mdlalo yavuna iChiefs,” kusho lo mqeqeshi.