UKUBA buthuntu kweKaizer Chiefs phambi kwamapali emidlalweni yayo emibili ebizilungisela ngayo ukuqala kwesizini entsha yeDStv Premiership, yiyona kuphela inkinga umqeqeshi waMakhosi, uMolefi Ntseki, athi uhlangabezane nayo eTanzania naseBotswana.
IChiefs ikhale ngaphansi ngo 1-0 kwiTownship Rollers yaseBotswana kowobungani odlalwe ngoMgqibelo eNational Stadium, eGaborone.
Sekuyindaba endala ukuthi kowandulula lona, eDar es Salaam, eTanzania, neYoung Africans kube wumphumela ofanayo.
Emuva komdlalo iChiefs edliwe kuwona, igoli likaThabo Rakhale, wodumo kwi-Orlando Pirates, uNtseki uzwakalise ukweneliseka ngezinto ezithile kodwa wakhala ngokugqoza kwamagoli.
Ukuphawulile ukuthi, uRanga Chivaviro, olandelwe lokhu kwiMarumo Gallants abamdlalisanga kule midlalo yomibili ngoba ufike kubona engekho qatha ngokugcwele.
Ekhuluma nabakwa-SuperSport ngesikhathi sekhefu, eGaborone, uNtseki, uthe kuningi okumchazile kule midlalo yomibili ngeqembu lakhe kodwa ukungayibhakuzisi inethi kumshiye engakhululekile.
“Akungihleli kahle ngokuthi asiwaboni amapali lapho egxunyekwe ngakhona, ekubeni amathuba siwakha ubuthaphuthaphu,” kusho uNtseki.
“Sekungenzeka-ke ukuthi nawo lawo mathuba esiwakhaya awekho ezingeni elidingekayo. Ileyo imibuzo esisele nayo emuva kwale midlalo emibili kodwa sinethemba lokuthi kothi kuqala isizini ibe isiphendulekile,” kuqhuba yena.
Mayelana noChivaviro, uthe: “Ufike kithina kukhona lapho ehuzuke khona, ngakho-ke sanquma ukuba singamjahi kepha simnike ithuba elanele lokululama. Konke kuhamba ngokohlelo futhi naye umdlali usha amashushu.”
Nakuba iChiefs imataniswa nomgadli waMaZulu, uGabadinho Mhango kodwa uBobby Motaung, naye obekhuluma nabeSuperSport eBotswana, ukuphikile lokhu kodwa wavuma ukuthi basazomemezela omunye umgadli.
UNtseki, ozoqala isizini entsha ngomdlalo neChippa United ngo-Agasti 6, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, akawuvali umlomo ngenjini yakhe yasesiswini, u-Edson Castillo, yaseVenezuela.
“Ubuhlakani anabo nendlela adlala ngayo izomenza abe ngomunye wabadlali abazogqama kwiligi. Uyalazi ibhola futhi konke okufanele akwenze ukwenza ngendlela.
“Uwuhlobo lomdlali esizokudinga ukuba naye enkundleni cishe ngaso sonke isikhathi. Okwenze wangayiqeda yomibili imidlalo yethu yobungani wukuthi besifuna ukubona bonke abadlali ngaphambi kokuqala koshikishi lweligi,” kuphetha uNtseki.
Amakhosi azongena kwisizini yawo yesishiyagalolunye selokhu agcina ukufaka inkomishi ekhabetheni, okwenza nolaka kubalandeli kube sengathi luya ngokuya luyakhula.