ULIHOLA ngokuba yisibonelo esihle enkundleni iqembu lakhe ukaputeni we-Equatorial Guinea, u-Emilio Nsue.
Lo mdlali umangaze inqwaba yabalandeli bebhola ababuka i-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ehlohla amagoli amahlanu emidlalweni emithathu yamaqoqo.
Akazange ayibhakuzise inethi emdlalweni wokuqala ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 1-1 neNigeria kodwa ushaye amathathu bedla iGuinea-Bissau ngo 4-2, namanye amabili ngesikhathi bexebula osokhaya, i-Ivory Coast, ngesibhaxu sika 4-0. UNsue (34) ungomunye wabadlali abangaphezu kuka-10 abazalelwa eSpain kodwa abadlalela i-Equatorial Guinea ngenxa yozalo. Udlale emaqenjini amancane esizwe aseSpain waze wadlalela iqembu elikhulu lase-Equatorial Guinea okokuqala ngo-2013. Ube ngukaputeni kusukela ngawo lowo nyaka.
UNsue (34) uthe into eyenze baphumelela kuze kube manje wukudlala njengeqembu.
"Imfihlo ukuthi sithembele emandleni ethu njengeqembu, asinaye umdlali odumile kodwa ngicabanga ukuthi singelinye lamaqembu asezingeni eliphezulu. Sibumbene futhi singabangani ngaphandle wenkundla," usho kanje exoxa ne-On The Whistle kwiYouTube.
"Kuyangijabulisa ukuzwa ozakwethu bengitusa kodwa nami ngiyabukela kubona futhi konke engikwenzayo ngikwenzela bona nezwe lethu."
UNsue usedlale kumaligi ahlukene njengeLa Liga, lapho agijime kodwa kwiMallorca neReal Sociedad, wadlalela iMiddlesbrough neBirmingham City e-England kanye ne-APOEL ne-Apollon Limassol eCyprus.
Njengamanje udlala esigabeni sesithathu eSpain kwiFC Intercity.
Uke wadlala emuva nasesiswini kodwa indawo athanda kakhulu ukudlala kuyona ukuba ngumgadli.
“Ngiyalithanda ibhola ngakho ngincamela ukuhlasela kodwa ngiyakwazi nokudlala emuva. Uma kufanele ngidlale kwenye indawo ngiyakwenza lokho futhi ngenze konke okusemandleni ukuthi ngijabule. Ngicabanga ukuthi yingakho abaqeqeshi abaningi bengincoma ngoba ngiyazinikela,” usho kanje.
UNsue nezakhe bazobhekana neGuinea kowe-Last ngoJanuwari 28 e-Olympic Stadium of Ebimbe.