UFUNGA uyagomela uRhulani Mokwena oyinhloko yabaqeqeshi beMamelodi Sundowns ukuthi umdlali wabo omusha, uLesiba Nku, usazobamangaza labo ababemngabaza ngesikhathi bemsayinisa.
Emdlalweni wakhe wokuqala weDStv Premiership, lo mdlali ogijima ohlangothini lwesokudla, uvalele phakathi amagoli amabili beshaya iLamontville Golden Arrows ngo 4-0 ngoLwesibili, eLucas Moripe Stadium.
Ukuba yiphela endlebeni kwabe-Arrows kuholele ekutheni uMokwena nasizana nabo bamyeke awugijime wonke umdlalo.
UNku (26) uqale ukudlubha ijezi lamaBrazilians beshaya iSwallows kwi-quarterfinal yeMTN8 ngempelasonto edlule. Ungene sekusele imizuzu ewu-20.
Ngesizini edlule ubedlala kwiMarumo Gallants edliwe yizembe.
Kunabathile abebezibuza ngokuthi iSundonws idonswe yini kuyena? Ngababodwa abaze balibeka ngembaba elokuthi ngeke akwazi ukungena khaxa kwisitayela sayo.
Ngesizini edlule, ushayele iMarumo amagoli amabili emidlalweni ewu-18 yeligi namathathu kwewu-12 yeCaf Confederation Cup.
"Ngesikhathi uLesiba simsayinisa kwaba nemibuzo eminingi. Nokho usesitshengisile ukuthi singamethemba. Kuleli siyahluleka ukubekezela. Ngiyajabula ukuthi udlale kanje emdlalweni wakhe wokuqala. Yebo, kuningi okusamele simcije kuko kodwa usazobaphoxa labo abebemngabaza. Uwumdlali onomoya omuhle ongungwe ozakwabo abamethembayo," kuphawula uMokwena ngalo mdlali.
Echaza ukuthi bamthole kanjani, uthe: "Ngesikhathi silungiselela isizini ephezulu, sikhulume isikhathi eside naye ocingweni ngenhloso yokuthola ukuthi uyinhloboni yomuntu. Bengikhuluma ngisho nanabantu asondelene nadlale nabo.
“Ekugcineni, ngithole ukuthi ubaluleke kanjani. Kusiphoqe ukwenza konke okusemandleni ukumsayinisa njengoba senzile kuLucas Ribeiro Costa, Thapelo Maseko, Junior Mendieta nakwabanye. Ngibonga kakhulu kwiqembu ngokuthi lisivumele ukumsayinisa nokuthi lenze konke okusemandleni.
"Ngebhadi simthole enokulimala. Asibanga nankinga ngoba sikuqondile ukuthi iqembu abelidlalela belinomthwalo wokwenza kahle kwiConfederation Cup nokugwema izembe. Belimdlalisa noma elimele. Ngaphandle kwethu akhona namanye amaqembu abemfuna. Uwumdlali obalulekile, oseqenjini elimfanele futhi ukakwe abadlali bezinga eliphezulu.“
Kowe-Arrows umgadli weSundowns, uPeter Shalulile, akawuqedanga umdlalo ngenxa yokulimala. UMokwena uthe usalinde umbiko wodokotela.
Nakuba iSundowns isayinqobe yomithathu imidlalo yeligi kule sizini kodwa kunabakhala ngokuba buthuntu kwayo phambi kwamapali ekubeni yakha inqwaba yamathuba.
Isibonelo; kowe-Arrows ishaye amagoli amane ekubeni ipali ilikhahlelele kawu-18 yase ithola oqekelele abayisishiyagalolunye. Ebuzwa ngalokhu, uMokwena uthe akakhathazekile nakancane.
"Umbuzo wami uthi izitha zethu zakha amathuba amangaki? Impendulo ithi mancane kakhulu. ISekhukhune yashaya igoli ngoba abadlali bethu benze iphutha. Into efanayo nakoweKaizer Chiefs. Empeleni koweChiefs saqala ngokwenza amaphutha amahlanu esisihlale phansi sawalungisa.
“Izitha asiziniki ngisho ithuba lokugoba amabhola. Kunzima kabi ukwenza lokho. Angikhathazekile ngabasigxekayo. Empeleni ngiyayilalela imibono noma ukugxekwa okwakhayo. Lokhu kungisiza ukuzinuka amakhwapha, ngingathathi ngemizwa. Ngiyazi singadlala kangcono kunalokhu. Ngijabule ngezimpawu engizibonayo nakuba isaqala isizini,“ kusho uMokwena.
Mayelana nomdlalo we-Arrows, uMokwena uthe nakuba benqobile kodwa ukholelwa ekutheni badlale kangcono emidlalweni edlule okungoweSikhukhune United, Chiefs nakoweSwallows. NgoMgqibelo, amaBrazilians azovakashela iChippa United, eNelson Mandela Bay Stadium koqala u-8 ebusuku.