SITHEMBISO MKHIZE
LIPHUME nobomvu kuCelimpilo "Zidane" Ngema, iMarumo Gallants ibuyisa uDan "Dance" Malesela, amchaza njengomqeqeshi oliqondayo kahle ibhola alidlalayo.
Ngesonto eledlule leli qembu laseLimpopo limemezele ukuthi seliphinde labuyisa uMalesela.
UMalesela ubeqeqesha iGallants ngesizini edlule wayifaka ngaphambi kokuthi axoshwe kungazelele muntu.
Ubuyela emuva nje ubesethe qu kwiRoyal AM kulezi zinyanga ezedlule zokuqala kwesizini ka-2022/2023 njengoba nalo iqembu laseThekwini elishiye isigubhukane.
KwiGallants ungene esikhundleni sikaRomain Folz oshiye ekhala ngokugxambukela kwezikhulu zeqembu emsebenzini wakhe.
Kwihlandla lokuqala uMalesela ekwiGallants, uNgema wayengomunye wabadlali ababegila izimanga.
Lo mdlali waseMelmoth oyibamba esiswini waziwa ngebhola elidla utshani.
Kuyaziwa nokuthi uMalesela ukholelwa ebholeni elidla utshani.
Kule sizini izinto iGallants kaziyihambeli kahle neze njengoba ilele endaweni yokugcina kwi-log yeDStv Premiership.
Emidlalweni eyisishiyagalombili kayikanqobi ngisho owodwa. Idlale ngokulingana kweyisithupha, yadliwa kwemibili.
"Uyabona-ke manje iGallants izodlala ibhola njengoba kubuye umqeqeshi uDan. Abaphathi beqembu bamlande ngoba bazi ukuthi uzolikhipha obishini elikulo. Mina-ke okungijabulisayo wukuthi sinomqeqeshi uDan sikholelwa ohlobeni olulodwa lwebhola. Engikuthandayo ngalo mqeqeshi uyakholelwa kimina. Sengizokwazi ukudlala ibhola lami ngokukhululeka," kubeka uNgema.
Ebuzwa ngesizathu sokungenzi kahle kweqembu lakhe uthe: "Uma uzobheka imidlalo siyawakha amathuba, sishaywa ukungawasebenzisi. Nokushintshashintsha abaqeqeshi ngicabanga ukuthi kube nomthelela. Akonakele kangako, sisadliwe kabili kuphela, sadlala ngokulingana eyisithupha. Nekhefu le Fifa esiphuma kulo lisisizile ukulungisa amaphutha agqame emidlalweni edlule. Sidinga ukunqoba imidlalo emibili kuya kwemithathu bese sihlala endaweni ehloniphekile.“
IGallants izobuya ngomdlalo weligi neTS Galaxy, ngoLwesibili, eMbombela Stadium ngo-7.30 ebusuku. Ngesizini edlule uMalesela ufake iGallants kwiCaf Confederation ngokufinyelela kowamanqamu weNedbank Cup lapho yahlulwa yiMamelodi Sundowns. Iqembu liqede endaweni yeshumi kwi-log.
Ngo-Okthoba 7, iGallants izoya kwi-ASSM Elgeco Plus yaseMadagascar emlenzeni wokuqala wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo kwiConfederation Cup. Owesibili ukuleli ngo-Okthoba 14.
Akucaci ukuthi umqeqeshi weGallants kule midlalo kuzoba wubani. ICaf yashaya umthetho othi kwimiqhudelwano yayo kuvumeleke abaqeqeshi abanoCaf A Licence ne-Uefa Pro Licence. UMalesela akanazo lezi zicucu njengoba kowokuqala ekwiRoyal AM ewudlale neMbabane FC yase-Eswatini yena noKhabo Zondo babewubuka nezihlwele. Ebhentshini leRoyal AM kwakuhleli u-Abram Nteo.