Ufisa ukubona sikhula isibalo sonompempe besifazane eNingizimu Afrika, uNokubonga Dlamini, ofike kwezwakala ngoba useqokelwe kabili umklomelo we-Assistant Referee of the Season, kwiligi enkulu yabesifazane iHollywoodbets Super League (HSL).
Namanje umsizi kanondweba odabuka Okhalweni eSweetwater, eMgungundlovu, akakakholwa wukuthi kulesi sikhashana usehambe ibanga elide kangaka kulo mkhakha.
Uma ebheka lapho aphuma khona, uthi akakuboni okungama endleleni yakhe yokuthi ligcine lifezekile iphupho lokufika ezingeni lezintokazi ezifana no-Akhona Makalima, okumanje ukwi-African Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast.
UMakalima nguyena kuphela unompempe wesifazane eMzansi odlalisa imidlalo yeDStv Premiership futhi usedlalise nakoweNdebe yoMhlaba yabesifazane.
UNokubonga (29) uneziqu zeCoaching Science azithola eMgungundlovu TVET College, nezeSafa Level 4. Ngaphandle kokuyibamba kwiHSL, wagixabezwa ngemidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC). Udlalisa nakwiKZN ABC Motsepe League nakumaLocal Football Association (LFA).
UNokubonga uthe uthando lokuba ngunondweba luqale ngo-2016 efunda eMgungundlovu TVET. Wathi usanda kufika eMaritzburg Girls High School, okumanje uqeqesha kuyo amantombazane kwi-netball, nebhola. Ubephuma eSt Anne's Diocesan College, eHilton, abenza kuyo umsebenzi ofanayo.
Uqhube wathi ngawo-2017, uMgungundlovu TVET wenza umqhudelwano ayesekomitini elaliwuhlela.
Uvele wabulawa yinsini, ngesikhathi edalule ukuthi kule midlalo wachazeka ngendlela eyisimanga uma ebona umfana omncane engumsizi kanompempe.
"Igama lomfana u-Andile Mncwabe. Wayeneminyaka ewu-14. Ngenxa yokwenza kahle umsebenzi, waphenduka isilomo. Nami ngaze ngaphakamisa ukuthi anikwe umklomelo womsizi kanompempe ovelele.
“Lwaqala ngalo mfana uthando lwalo msebenzi. Ngaze ngaya kuye ngacela ukuthi angifundise. Ngokuqhubeka kwesikhathi ngaphinde ngaba nenhlanhla ngahlangana nezelamani zakwaMyeza, uMnikeni, noMthi abamnkantshubomvu kulo mkhakha.
“Bangifundisa okuningi, baze bangibhalisa ngaphansi kweLFA (Local Football Association) yeseMkhambathini, engaqala ukudlalisa kuyo ngawo u-2017," kuchaza uNokubanga.
Udalule nokuthi waba nenhlanhla ngoba iMaritzburg Girls High yamkhokhela izindleko zokuyofunda uLevel 1 no-2 weziqu zonondweba.
"Angibange ngisazithambisa. Ngo-2017 ngaphasa isivivinyo sokuba nomzimba oqatha sezinga lesifundazwe. Ngathi ngibuya ngamenywa kuma-play offs kazwelonke eSasol Women's League ngo-2018, eNorth West.
“Ngo-2019 kwavulwa iHSL. Ngo-2021 ngibizelwe ukuyodlalisa kwiCasafa Cup U/19, eLesotho, nakumaplay offs, e-ABC Motsepe khona eNorth West. Okuphinde kwangisiza ngenqwaba yamaworkshop eSafa neCosafa"kuphetha uNokubonga, oveze ukuthi ukhule ezifela nge-netball.
Unxuse imbokodo ukuthi ingawusabi umkhakha akuwo.
"Isifiso sami wukubona yanda intsha yesifazane kulo mkhakha. Ngizoqhubeka nokuzikhandla ngoba ngifuna ukuba yisibonelo kuyo.
“Lo msebenzi awulukhuni njengoba becabanga. I-Safa iwavulile amasango kwabafuna ukufundela lo msebenzi. Wozani zintokazi, ibhola labesifazane likhula mihla namalanga kuleli, lisidinga ngobuningi bethu," kubeka uNokubonga.
Umsebenzi wokuphatha imidlalo uhambisana nezinselelo, okukhona kuzona ukubhekana nolaka lwabalandeli abasuke benganeme ngezinqumo zonompempe, uma ungabavunanga umphumela womdlalo. Abanye bagcina sebehlukumeza onompempe.
"Iningi liyawangabaza amava ethu singabantu besifazane. Ngicela abalandeli bawuyeke lowo mkhuba. Siyakwazi esikwenzayo. Sikuqeqeshelwe. Abathathe isibonelo kubadlali, bayasihlonipha.
“Ngicela nodadewethu esiyibamba nabo, bakuphendule impilo yabo ukuziqeqesha. Kuba buhlungu ukubona uzakwenu efeyila isivivinyo sobuqatha bomzimba,“kusonga uNokubonga.