KWALE kancane ukuthi umqeqeshi weMarumo Gallants, uDan Malesela, abasho ngamagama abadlali akholelwa ekutheni benzela phansi leli qembu elisemsileni kwi-log yeDStv Premiership.
Ngempelasonto, iGallants ihlulwe ngelinye iqembu ebanga nalo emsileni iMaritzburg United ngo-1-0, yehlela endaweni ka-16 kwi-log ngamaphuzu awu-13 emidlalweni ewu-15.
Kusasa leli qembu likaMalesela lizovakashela iStellenbosch FC ngo-7.30 ebusuku eDanie Craven Stadium.
UMalesela ukhale ngabadlali abavuthayo ejimini kodwa kufike kuthombe okhiye uma sekudlalwa njengembangela enkulu yokuthi iqembu lihlale kule ndawo embi elihleli kuyona.
Lo mqeqeshi ukusho lokhu ekhuluma nethimba labezindaba leGallants emuva kokukhala ngaphansi kwiMaritzburg.
“Kwesinye isikhathi abadlali kufanele babe neqiniso kubona basho ukuthi yithina esenzela phansi iqembu,” kusho uMalesela.
“Isitha sethu esikhulu kunazo zonke ithina uqobo ngoba sinendlela yokuwinisa amaqembu esisuke sibhekene nawo njengoba kwenzekile kwiMaritzburg.
“Ngaso sonke isikhathi sizigwaza thina ngowethu okufakazelwa amagoli amabili esiwaphe izitha ngaphambi komdlalo weMaritzburg nakuwona esiphisane ngamaphuzu eqenjini elingeyona nakancane inkinga kithina elizizamela ukuvika izembe,” kubalisa lo mqeqeshi naye osengozini yokugencwa izembe.
Kusale kancane ukuthi abasho ngamagama abadlali okuyibona athi bamenzela phansi.
“Akumnandi ukukhuluma esidlangalaleni ngabadlali bakho kodwa abanye babo (abadlali) kufanele baphakamise izandla bavume ukuthi balenzela phansi iqembu.
“Akungisizi ngalutho ukuba nabadlali abakhombisa okunye uma siziqeqesha kodwa baveze okubheke eceleni uma sekuyizinsuku zemidlalo.
“Angithandi ukubukeka njengomqeqeshi ogxeka abadlali bakhe futhi ngiyaqonda ukuthi sisesimeni esinzima sokulinyalelwa abadlali.
“Angiviki ngalokhu kodwa kufanele siseqe lesi sihibe siphume nezisombululo. Sekuqala ukuba nzima nsukuzonke ngakho-ke kufanele siqale sishintshe izinto ngomdlalo weStellenbosch.
“Kufanele sinqobe kulo mdlalo. Uma kuphoqa ukuthi sizame abadlali abazosisiza ngokushesha kufanele senze kanjalo ikakhulukazi ezitobheni ngoba inkinga kulapho igqame khona,” kuphetha uMalesela.
Emidlalweni engu-15 yeGallants, isaphumelele ukuwina emibili kuphela. Osekuqala ukucaca ukuthi ngaso sonke isikhathi lo mqeqeshi ukhala ngokuthile uma eshayiwe.
Emidlalweni edlule, uMalesela ubekhononda ngonondweba njengoba esekhala ngokuthi kunabadlali abathile abenza into yamehlo ejimini kodwa kube sengathi abekho ngezinsuku zemidlalo.