SIPHUMELE obala ngenselelo yokunqoba imiqhudelwano emikhulu kule sizini isitobha se-Orlando Pirates, u-Olisa Ndah.
Lo mdlali odabuka eNigeria, ubekhuluma nabezindaba ekwelakubo njengoba eyingxenye yeqembu lesizwe, iSuper Eagles, ebelidlala kweyokuhlungela i-Africa Cup of nations ka-2025.
Ezimnyama zikwazile ukunqoba izindebe zomkhumulajezi, iMTN8 neNedbank Cup, kumasizini amabili elandelana edlule, kodwa sekuneminyaka zagcina ukukhonya kwiligi yakuleli nasemqhudelwaneni omkhulukazi kwizwekazi i-Afrika, iCaf Champions League.
IPirates yagcina ukuphakamisa indebe yeligi ngesizini ka-2011/12, okusho ukuthi sekudlule amasizini angu-12 ihluleka ukuba ngompetha beligi.
Nakuba ezikaMagebhula zaba yiqembu lokuqala lakuleli ukudla isicoco seCaf Champions League ngo-1995, zaphinde zangena kowamanqamu ngo-2013, zagcina ukufinyelela esigabeni samaqoqo ngesizini ka-2018/19.
“Ukunqoba iligi nakanjani kungenye yezinjongo zethu eziseqhulwini kule sizini. Okokuqala nje, kumele sizame ukuvikela izicoco zethu esizinqobe phambilini. Iligi ifana nomjaho omude, ayidingi ukuthi ugagamele, kufanele ubheke umdlalo ngamunye,” kusho uNdah kwi-video ephanyekwe ekhasini i-AJSilverCFC kwiYouTube.
“Sizimisele ngempela ukuyithatha iligi futhi yinto esingakwazi ukuyifeza. Kuyajabulisa kakhulu ukuthi sesizibekisele indawo kowamanqamu eMTN8.
“Sifuna nokwenza kahle kuyona yonke imiqhudelwano, okuhlanganisa neCaf Champions League.”
UNdah wafika kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2021/22, esuka eqenjini laseNigeria i-Akwa United. Uyena osejwayele ukuhola iqembu njengoba ukaputeni u-Innocent Maela engalitholi ijezi kulezi zinsuku.
“Ngijabule kakhulu ngalokho yize bengingakulindele. Iqembu linaye ukaputeni futhi bakhona nabanye abaholi kodwa leli yithuba nje engilinikwe yiqembu futhi engilithokozela kakhulu,” uchaze kanje.
Yize imidlalo ye-Betway Premiership izoqala ngoMgqibelo kodwa uNdah nozakwabo bazobe bematasatasa kowokuhlungela amaqoqo eCaf Champions League lapho bezogadulisana neJwaneng Galaxy eBotswana National Stadium eGaborone, ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.
IJwaneng iyona eyasheshe yaqeda uhambo lweZimnyama kulo mqhudelwano ngesizini edlule, iyikhipha kuwona lo mzuliswano.
IGalaxy yadlula ngokunqoba ngo 1-0 ekhaya, nePirates yanqoba ngo 1-0 e-Orlando Stadium. IJwaneng yazibekisela indawo esigabeni samaqoqo ngokudlula ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.