UHLABEKE umxhwele ngendlela injini yabo entsha uSibongiseni “Ox” Mthethwa adlale ngayo emdlalweni wakhe wokuqala umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki.
UMthethwa ube ngumdlali waMakhosi ngesonto eledlule, esayina inkontileka ezomgcina kuleli qembu kuze kuphele uJuni 2026. Ngaphambi kwalokho ubekwiStellenbosch FC, iqembu afika kulona ngoJanuwari nyakenye, esuka kwiBlack Leopards.
Akakwazanga ukudlala emdlalweni weMTN8 neMamelodi Sundowns ngempelasonto njengoba ubesevele edlalele iStellies emqhudelwaneni ofanayo kule sizini.
Abalandeli baMakhosi kudingeke balinde futhi ngaphambi kokumbona enkundleni ngesikhathi bebhekene neSekhukhune United koweDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku njengoba eqale ebhentshini.
Nokho ungenile maphakathi nesiwombe sesibili futhi washeshe wakhombisa ukuthi kungani abalandeli bebelokhu bememeza igama lakhe ngisho esazivocavoca. Ungene wamaka waphinde waphasa iChiefs yagcina inqobe iBabina Noko ngo 2-1.
“Sonke siyazi ukuthi uMthethwa ungumdlali osezingeni eliphezulu. Yisona sizathu esikhulu esenza ukuthi iqembu limthathe, ukuthi ezokhombisa ikhono lakhe. Ungumholi enkundleni, uyalwa, uhlakaniphile futhi uyawuqonda umdlalo,” kusho uNtseki.
“Ngesikhathi engena wenze iqembu lahleleka kangcono. Usinike ebesikudinga, ikakhulukazi ngemuva kokubona ukuthi sidinga abadlali abazongena nomfutho. Ngicabanga ukuthi bonke abadlali abangene esiwombeni sesibili badlale kahle kakhulu.”
Ngaphambi kokushaya iSekhukhune eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu, iChiefs ibidlale imidlalo emine ilandelana ingawini. Kule sizini iqembu likaNtseki lisakwaze kanye ukunqoba imidlalo emibili ilandelana, ngesikhathi lishaya AmaZulu ngo 3-0 lalandelisa ngokuguqisa iStellenbosch FC ngo 2-0.
Emdlalweni wayo olandelayo izobhekana neCape Town City koweligi eFNB Stadium ngoLwesibili. UNtseki ukholwa wukuthi iqembu lisahamba ngendlela futhi unethemba lokuthi bazokwazi ukugcina umgqigqo wabo uma sebehlangana neCitizens.
“Bekubaluleke kakhulu kithina ukuthi sinqobe ngemuva kokuhluleka ukwenza lokho imidlalo yethu edlule. Ukuwina kubaluleke kakhulu futhi kufanele sikujabulele kodwa ngokwenza lokho sidinga nokubhekela umdlalo olandelayo, okuzoba ngomunye umdlalo onzima okumele siwulungiselele,” kuqhuba uNtseki.
“Iqembu liyathuthuka. Uma sibheka emuva emidlalweni embalwa edlule esiyidlalile, senze kahle ekusebenziseni amaqhinga ethu. Sikhombise ukuqina ngokubuya sesilandela ngemuva sinqobe umdlalo futhi kufanele siqhubeke nomoya wokulwa.
“Kumele silungiselele umdlalo olandelayo nawo ozoba nzima. Wonke umdlalo unohlelo lwawo ngoba usuke ubhekene nabaqeqeshi kanye nabadlali abahlukene. Udinga ukugxila eqenjini lakho, uncike emandleni alo. Okubaluleke kakhulu isimo sengqondo, ukuzethemba nesibindi esisibonise kulo mdlalo neSekhukhune,” uphethe kanje.