UMGADLI, uSiphelele Mthembu, uzithwese ijoka lokusiza iPretoria Callies ivike izembe kwiMotsepe Foundation Championship.
UMthembu obekade engenalo iqembu selokhu ehlukane naMaZulu FC ekupheleni kwesizini edlule, usayine inkontileka yezinyanga eziyithupha neCallies edlala kwiChampionship.
Uzodlala ngaphansi komqeqeshi uKwanele Kopo wodumo lwenkulisa yeSuperSport United nephini lakhe uCollins Mbesuma osaphethe irekhodi lokushaya amagoli angu-35 ngesizini kwiPremiership.
Kuyiwe ekhefini lomqhudelwano weNdebe yoMhlaba iCallies ihlezi emsileni we-log yeChampionship ngamaphuzu ayisishiyagalombili emuva kwemidlalo engu-12. Iwine imidlalo emibili kuphela, yehlulwa kweyisishiyagalombili. Esicongweni se-log kuhlezi iPolokwane City ngamaphuzu angu-25 emuva kwemidlalo engu-11.
"Ngifuna ukusiza iCallies isuke emsileni we-log, iqale ukuqoqa amaphuzu. Emva kwalokho inyukele phezulu, sizame ukuwina iligi noma sifinyelele emidlalweni yokuhlunga. Lapha baningi abadlali abahle abasebamcane esingasiza ekubakhuliseni ukubakhombisa indlela nokubafundisa ngokubaluleka kobumbano eqenjini," kusho uMthembu.
Ngaphambi kokujoyina iCallies, uMthembu uzame inhlanhla emaqenjini ahlukene okukhona kuwona iRichards Bay FC aziqeqeshe nayo amasonto kodwa wagcina engasayiniswanga. Ukusayina kukaMthembu kwiCallies, kungenzeka kuvulele nabanye abadlali abaneminyaka engaphezu kuka-30 yobudala abachizelwa ngamaqembu kwiPremier Soccer League (PSL). Omunye wabadlali asebebheke ukusayina ngenyanga ezayo nguHappy Jele osephenduke umantunta-nendishi selokhu ehlukane ne-Orlando Pirates.
UMthembu owadlala kwiChiefs nakwiPirates, uthe kubalulekile kuyena ukubuyela enkundleni.
"Ngiyalithokozela kakhulu leli thuba ngoba bekungekuhle ukuhlala ekhaya. Kufanele ngihlale ngikhona ebholeni ngoba kulula ukuthi amaqembu akukhohlwe uma ungasadlali. Abantu bayashesha ukuthi sekuphelile ngawe uma ungasabonakali enkundleni," kusho uMthembu.
ICallies yasePitoli, inyukele kwiChampionship ngo-2020 kanye neBizana Pondo Chiefs yase-Eastern Cape egawulwe yizembe ngo-2021.