UZOTHOLA ukuvivinywa okunzima Umsinga United njengoba uqhathwe neDondol Stars yaseGauteng, kuma-ABC Motsepe National Play-Offs, angoJuni 6-11, eMgungundlovu.
Ukuqhathwa kwamaqembu ayisishiyagalolunye, azolwela ukwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship, kwenzeke izolo, eSafa House, eGoli.
UMsinga ocijwa nguDoctor Mkhonza, uqhathwe neDondol ku-Group A. Akukacaci ngelaseFree State okuzoba elesithathu kuleli qoqo.
Ku-Group B, kuboshelwe Amavaravara ase-Eastern Cape, Young Bafana yaseWestern Cape ne-Upington City yaseNorthern Cape.
Ku-Group C, kuzodudulana i-Orbit College yaseNorth West, Mlambo Royal Cubs yaseMpumalanga neMpheni Home Defenders yaseLimpopo.
Okwenza kube nedumela ngokuqhathwa neDondol wukuzenzela kwayo igama kwiNedbank Cup yale sizini, ithwalisa kanzima amaqembu agijima esigabeni esikhulu, iDStv Premiership.
KwiLast 32 yamangaza abaningi idlula KwiSuperSport United.
KwiLast 16 yaphinda yadlula kuMaZulu FC. Kuma-quarterfinal ize yashaywa i-Orlando Pirates kumaphenathi.
UMsinga ube yizingqwele zaKwaZulu-Natal ngokudlula kwiMilford yaseMpangeni. NgokweSafa, imidlalo eyandulela owamanqamu e-ABC Motsepe National kweyokuhlunga izodlalwa ngoJuni 9, eHarry Gwala Stadium, eMphithi. Amaqembu amabili azogijima owamanqamu yiwona azobe esezifake esigabeni sePremier Soccer League, iMotsepe Foundation Championship.
Amaqebu azodlulela kowandulela owamanqamu yilawo azobe eqhwakele emaqoqweni.
Elesine kuzoba elizoqeda kweyesibili ngamaphuzu amaningi ukuwedlula wonke amanye.
UKwenzokwakhe Ngwenya ongusihlalo weSouth African Football Association (Safa) KwaZulu-Natal, obehambele umcimbi wokuqhathwa, uthe bawufisela inhlanhla Umsinga.
"Lisijabulisile izinga le bhola elidlalwe Umsinga ngesikhathi kukhishwa elizoba izingqwele zakulesi sifundazwe. Okuhle ukuthi nabo abadlali boMsinga bazisholo bona ukuthi kalikho iqembu abalisabayo. Sesifikile isikhathi sokuthi sibe neqembu elizonyukela esigabeni esiphezulu," kubeka uNgwenya.
Ukuba neqembu laKwaZulu-Natal elinyukela kwiMotsepe Foundation Championship kwagcina ngoThongathi ngesizini ka-2016/17.