UHLOSE ukulibamba angalidedeli ijezi eqenjini elikhulu umdlali waMazulu, uMsindisi Ndlovu, njengoba eseqalile ukuthola amathuba okudlala.
Lo mdlali (21) ubeyingxenye yeqembu elincane loSuthu elinqobe isicoco seDiski Challenge Rewired ngasekuqaleni konyaka odlule. NgoJanuwari, kulo nyaka, ubolekiswe kuThongathi obelugijima kwiGladAfrica Championship.
Ngaphambi kokuqala kwesizini, ubuyele oSuthwini futhi leli qembu lakhetha ukumkhuphulela eqenjini elikhulu.
Ubonakale okokuqala kule sizini emdlalweni weDStv Premiership ne-Orlando Pirates lapho ethathe khona indawo kaLehlohonolo Majoro esiwombeni sokuqala.
Kusukela lapho, usedlale eminye imidlalo emithathu kwiligi, wangena nakowamanqamu weMTN8 lapho Usuthu luguqiswe khona yiPirates ngo-1-0 ngoMgqibelo.
Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2021/2022, uNdlovu kwakumele azilolonge neqembu elikhulu ngesikhathi lilungiselela isizini entsha kodwa kwangcina kungenzekanga ngenxa yokuthi lo mdlali walimala edlala imidlalo yeziteki ngakubo.
"Besekunesikhathi ngizama ukungena eqenjini elikhulu ngihluleka kodwa ngangaphela amandla. Ngazitshela ukuthi uMdali uyazi ukuthi uhleleni ngekusasa lami," kusho uNdlovu.
"Njengoba sengifikile kusemqoka ukuthi ngiqhubeke nokusebenza kanzima ukuze ngiqhubeke nokuthola amathuba amaningi okwenza into engiyithandayo. Ibhola liwumsebenzi kimina kodwa futhi liyangijabulisa.
"Ngingumdlali othanda ibhola elinomjiko, yithalente engazalwa nalo kodwa ngiyazi ukuthi yonke into kumele yenziwe ngendlela efanele, ngesikhathi esifanele.
"Umqeqeshi uyangeluleka futhi angichazele ukuthi ulindeleni kimina enkundleni, okwami ukuthi ngisebenzise indlela engidlala ngayo ukufeza izinhloso zeqembu.
"Ngiyajabula futhi ukuthi kunenqwaba yabadlali abanamava eqenjini abakwaziyo ukungeluleka nokuyinto engicabanga ukuthi izongenza umdlali ongcono futhi ngisize iqembu ukuthi liphumelele."
UNdlovu ungomunye wabadlali abavotelwe ngabalandeli ukuthi bawuqale umdlalo uma Usuthu selubhekene neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu weCarling Black Label Cup ngoMgqibelo ekuseni.
"Kusho lukhulu kimina ukuba yingxenye yeqembu leCarling Black Label Cup futhi kuyangijabulisa ukuthi abalandeli bangivotelile. Kuchaza ukuthi bayalithanda ibhola engilidlalayo. Nami ngizozama ukuthi ngingabaphoxi, ngiqhubeke nalokhu engidume ngakho," uqhube kanje.
"Lo mdlalo uzoba yithuba elihle kimina. Ngizalwe ebunzimeni futhi angiyisabi enye insizwa, noma ingedlula ngeminyaka. Ngingayihlonipha ngaphandle kwenkundla kodwa uma sesingaphakathi kusetshenzelwa imali nokuthi iqembu linqobe."
Lo mdlali odabuka Osizweni, eNewcastle, uzimisele ngokuthi aqhubeke nokuthuthuka njengoba nasekhaya kubhekwe yena.
"Ngikhule ebunzimeni singakwazi nokuthenga isinkwa kodwa sekungconywana ngoba sengiyakwazi ukusiza umndeni wami. Kuyangithokozisa ukuthi balala bedlile ngenxa yethalente lami," kusho uNdlovu.
"Angifuni kwenzeke amaphutha. Ngifuna ukuziphatha kahle, ngingenzi izinto ezingalungile nezingavumelekile eqenjini. Lokho akunginiki ingcindezi ngoba sengijwayele ukuzimisela. Naseqenjini le-MDC sasizimisele saze saqukula indebe."