ISITHANDWA sabalandeli bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, esishaye into yamehlo ngesikhathi iBafana Bafana inqoba ngo-4-0 kwiSierra, uThemba Zwane, sikholwa ukuthi amathuba eqembu lesizwe okuya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) alele ekutheni kululame bonke abadlali abamqoka abalimele.
IBafana ilinyalelwe uPercy Tau, Lyle Foster, Evidence Makgopa, Fagrie Lakay noBongokuhle Hlongwani, bonke abayizithenjwa kuyona ikakhulukazi ngasekuhlohlweni kwamagoli.
Likhulu nokho ithemba lokuthi laba badlali abamqoka kumqeqeshi weBafana, uHugo Broos, bazobe sebeluleme ngokugcwele ngesikhathi elakuleli sekufanele libhekane neLiberia, kowokuhlunga ngonyaka ozayo.
UZwane obuyiswe uBroos kwazwakala ngemuva kokumziba isikhathi eside kwiBafana, utshele ithimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) ukuthi, ukhiye wokuzibekisela indawo e-Ivory Coast, ulele ekutheni kululame bonke laba badlali abamqoka abalimele. UMshishi ushaye amagoli amabili kulo mdlalo wobungani. Amanye amagoli avalelwe phakathi uMihlali Mayambela no-Aubrey Modiba.
“Ngijabule ngendlela konke okwenzeke ngayo kanjalo nangokushaya kwami amagoli amabili okuyinto obese kunesikhathi igcine ukwenzeka eqenjini lesizwe,” kusho uZwane ethimbeni leSafa labezindaba.
Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala, uthe uma imilenze yakhe isavuma, akanankinga ngokuhola iBafana kwi-Afcon elandelayo kodwa konke kulele ekutheni umbango wejezi ushise ukuze kuzophuma iqembu eliqine ngokwanele.
“Baningi abadlali engingabakhomba emhlabeni asebekukhombisile ukuthi iminyaka ayisho lutho kepha okumqoka indlela yokuziphatha.
“Anginankinga ngokuhola leli qembu emiqhudelwaneni emqoka yinqobo nje uma imilenze yami isangivumela kanjalo nomqeqeshi esayibona indawo yami.
“Ngilijabulele ngendlela eyisimanga ithuba lokubuya esikwatini kepha ngiyazi ukuthi kunabadlali abaningi abamqoka abalimle.
“Isifiso sami ukuthi balulame bonke ngokugcwele ngaphambi kokuthi iBafana ibuyele kweyokuhlunga ngonyaka ozayo ngoba lokho kuyokwenza siye kule midlalo umbango wejezi ushisa, okuzolandelwa imiphumela edingekayo kwiLiberia (edlala nBafana ngoMashi),” kusho uZwane.
Ukucacisile nokuthi ubengambambele igqubu uBroos ngokungambizi kwiBafana.
“Abaqeqeshi banezindlela zabo zokwenza izinto. Ngibiziwe ekhempini ngafike ngathola ukuthi isitayela sami siyahambisana kakhulu nesomqeqeshi ngakho ngineme.
“Okwenze kwabalula okuningi ukuthi ngiyazi ukuthi abalandeli bami bebelulindele kangakanani lolu suku ngakho-ke okwami bekuwukukhombisa injabulo yami ngendlela engidlale ngayo,” kusho uZwane.
Kusasa, iBafana izobhekana neBotswana komunye wobungani eFNB Stadium, ngo-3 ntambama.