UMQEQESHI weCape Town Spurs, uShaun Bartlett, uvumile ukuthi uhleli ngesinqe esisodwa emsebenzini wakhe ngenxa yemiphumela engemihle yemidlalo yokuqala eyisithupha yeDStv Premiership ayichaze njengemenza aswele umgodi wokucasha ngenxa yokuphoxeka.
ISpurs obekunesasasa ngesikhathi ibuyela esigabeni esikhulu ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, ishaywe okwesithupha kulandelana emdlalweni eke yahamba phambili kuwona ngegoli lika-Ashley Cupido. Nokho igcine idlile iLamontville Golden Arrows ngo 2-1 kulo mdlalo obuse-Athole Stadium ngoLwesibili.
Lo mphumela ubufaka leli qembu emarekhodini amabi e-Premier Soccer League (PSL).
Ukuthi iqembu lishaywe imidlalo yokuqala eyisithupha esigabeni esikhulu kwagcina ngoMthatha Bush Bucks ngo-1999/2000.
“Kuyona yonke le midlalo esesishaywe kuyona, kulokhu kubuhlungu kakhulu ngoba besiwuphethe futhi namathuba okuqinisekisa umphumela esiwombeni sokuqala siwatholile,” kusho uBartlett kwabezindaba e-Athlone Stadium.
“Njalo emuva kwemidlalo ngiza kinina (abezindaba) ngizonitshela into efanayo ngokwakha amathuba kodwa lutho ukuqoqa amaphuzu agcwele.
“Kumqoka ukuthi sizinuke amakhwapha ngokwenzeka enkundleni ngoba isikimu sisuke siboshelwe ithina ingakho kwesinye isikhathi ufisa ngisho umgodi wokucasha,” kulandisa uBartlett.
Umdlalo weligi olandelayo iSpurs izowudlala neCape Town City ezinsukwini ezingaphansi kwezingu-10 ezizayo nakhona lo mqeqeshi athembise ukuqhubeka khona nokuzama.
Ebuzwa ngesimo somsebenzi wakhe uthe, ubheke noma yini kusukela manje.
“Ngeke nangengozi ngiliphonse ithawula kodwa futhi angifihli ukuthi sekufana nokuthi sivaleleke ekhoneni okuvamise ukulandelwa inoma yini.
“Akuhambi ngendlela esifisa ngayo futhi siyaqonda ukuthi uma usesimeni esifana nesethu nezinto zivele zikujikele zonke.
“I-Arrows igobe amabhola amabili yanqoba ngawo okuyindlela okwenzeka ngayo vele uma usebhadini njengathi,” kubalisa uBartlett.
UMabhuti Khenyeza opheka i-Arrows ukhombise injabulo ngokuhlala kwabadlali bakhe ohlelweni lwabo.
“Besazi ukuthi sizothwala kanzima kulo mdlalo ngenxa yendawo okuhleli kuyona iSpurs kwi-log, isimo sezulu nokuthi besidlalela eKapa.
“Ngijabule ngendlela abafana abayilandele ngayo imiyalelo yethu kwaze kwaba sibuyela nawo ekhaya amaphuzu,” kuphetha lo mqeqeshi olele isibili kwi-log.