UMQEQESHI weBurnley FC, uVincent Kompany, uthi uzomeseka umgadli uLyle Foster, ngemuva kokukhishwa ngekhadi elibomvu emdlalweni wePremier League.
NgoMsombuluko ebusuku umgadli ukhishwe ngunompempe ngekhadi elibomvu esikhathini esengeziwe, bebhekene neNottingham Forest ophele ngo 1-1, eCity Ground.
Ubanjwe yiVAR (Video Assistant Referee) eshaya esifubeni ngendolowane umdlali weForest, uRyan Yates.
Lokhu kusho ukuthi ngeke abe khona emidlalweni emithathu ezayo yeClarets. Ngaphambi kokukhishwa ngekhadi elibomvu, ukwazile ukulibeka enethini kodwa igoli laphikwa ngoba iVAR ithathe isinqumo sokuthi uzakwabo uSander Berge, uthinte ibhola ngesandla ngaphambi kokumphasela.
UKompany akathandanga ukuphawula kakhulu ngaleli goli eliphikiwe kodwa uthe ngeke asiqinise isandla kakhulu kuFoster phezu kwephutha lakhe eliholele ekutheni akhishwe ngelibomvu.
“Ingqondo yami iyaliqonda ibhizinisi nokuqeqesha kodwa uma kukhulunywa ngemithetho kuvele kudume upotiyane. Bathi ibhola lithintwe ngesandla, bayafika bazosichazela ngaso sonke isikhathi futhi sengathatha isinqumo sokuvele ngithembe ukuthi bayayazi into abayenzayo futhi banezinhloso ezifanele. Akuyona into engifuna ukuphawula ngayo ngoba ngeke ngiyishintshe,” kuphawula uKompany ecashunwa ekhasini leBBC kwiYouTube, ekhuluma esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Akumnandi (ukuthi uFoster uthole ikhadi elibomvu), ngenxa yomzamo awenzayo eqenjini nendlela azinze ngayo kule ligi. Ngicabanga ukuthi yilokho okumele sikubeke phambili nakuba elenzile iphutha.
“Ngizothi ukucophelela kancane ngoba uke waphumela obala mayelana nesimo somqondo wakhe phambilini. Ngeke ngigxile kakhulu kulokhu okwenzekile, ngizoqinisekisa ukuthi uwulungele umdlalo olandelayo. Wenza kahle eqenjini, naye uyakwazi lokho. Okumqoka wukuthi simbuyisele ezingeni abekulo ngaphambi kokuthola ikhadi elibomvu.”
UFoster useshaye amagoli amabili wakha elilodwa emidlalweni emine yePremier League, ayidlalele iBurnley kule sizini.
Engxoxweni aba nayo nohlelo iMarawa Sports Worldwide ngoMeyi, lo mgadli weBafana Bafana, wavula isifuba ngempi yakhe nokhwantalala ngesikhathi esadlalela iWesterlo yaseBelgium, ngaphambi kokusayina kwiBurnley.
Ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neForest, kusho ukuthi ezikaKompany zikwazile ukucosha iphuzu lokuqala selokhu zikhuphukele esigabeni esiphezulu ekuqaleni kwesizini. Ngaphambi komdlalo beziguqiswe yiManchester City ngo 3-0, i-Aston Villa ngo 3-1 neTottenham Hotspur ngo 5-2.
IClarets isendaweni ka-19 kwi-log ngephuzu elilodwa emidlalweni emine. Ingaphambili ngephuzu kwiLuton Town esemsileni.
UFoster kulindeleke ukuthi aphuthelwe yimidlalo yeligi neManchester United, neNewcastle United, noweLeague Cup neSalford City. Kungenzeka abuye uma sebebhekene neLuton koweligi ngo-Okthoba 3.