UMQEQESHI weRichards Bay FC, uVasili Manusakis, ukholwa wukuthi enye yezinto ezizokwenza kube nzima ukunqanda iMamelodi Sundowns, yingcindezi esisemahlombe onondweba ngezinqumo eziphikisa ompetha beligi.
ISundowns inqobe ngoLwesihlanu umdlalo wesihlanu weDStv Premiership ilandelana ngaphansi kukaRhulani Mokwena.
Kulo mdlalo iguqise ngo 2-0 iBay eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
NgokukaManousakis, iSundowns ibinabadlali abangu-13, esikhundleni sabangu-11 noma-ke abangu-12 ngokuvamile uma kubalwa nabalandeli kwazise bebephumile yize izulu belina.
Akaphimisanga ngomlomo wakhe uManousakis ukuthi umdlali ka-13 bekungunondweba kodwa okuvelile ngamagama awasebenzisile ebalekela ukuphawula ngezigamu ezimbili emdlalweni, okubukeke sengathi bekufanele banikwe amaphenathi.
“Akwenzi mehluko ngempela (ukuthi ngikholwa wukuthi bekufanele sithole amaphenathi yini noma cha). Uma ngikhuluma iqiniso nje, ngikholwa wukuthi onondweba beze emdlalweni wethu becindezekile, emuva kokuzwa imibono yabanye abaqeqeshi, mhlawumbe ikakhulu eka-Ernst Middendorp ngaphambi komdlalo weSwallows neSundowns. Bakuzwile ukukhala kwakhe engicabanga ukuthi kubashiye becindezekile (ekuthatheni izinqumo),” kusho uManousakis, emuva komdlalo.
“Mhlawumbe ukube bekungelinye ilanga bebengasinika (iphenathi). Angizukungena ngijule ekutheni ngicabangani ngalesi simo. Okumqoka wukuthi seneme ngendlela abafana abakhombise ukungayisabi ngayo iSundowns. Siwakhile amathuba kodwa akwangaba wusuku lwethu.
“Lokho kungaba yimpendulo mhlawumbe ekutheni kungani iSundowns inemidlalo eminingi kangaka ingangenelwanga yigoli. Ngolunye usuku besingawavalela amathuba okungenani amabili kodwa akwenzekanga.”
Indaba yokuhlomula ngezinqumo zonondweba kayiyintsha kwiPremiership. Ayiyintsha futhi nakwiSundowns, kwazise ngisho nowayengumqeqeshi wayo iqala ukuwola izicoco ngalolu hlobo, uPitso Mosimane, wake wacashunwa kwiSuperSport TV elimisa ngesihloko elokuthi uyajabula ukuthi naye zigcine zimvunile izinqumo zonondweba.
Ngaphambi kokusonga uJanuwari, iBay isazodlala neMarumo Gallants, SuperSport United nowempi yegazi naMaZulu FC.