UKATLEGO “Killer” Mphela akakholwa ukuthi abagadli abasha bezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, bazomketula uPeter Shalulile weMamelodi Sundowns osazihambela yedwa ekukhonyeni kowesicathulo segolide kwiDStv Premiership.
UMphela, owayeqhulula amagoli kwiSuperSport United, Sundowns, Chiefs nakwiBafana Bafana, utshele Isolezwe ukuthi yize engangabazi ukuthi izinduku ezintsha zezinkunzi zaseSoweto zinawo amava kodwa kukhona azehlula ngakho uShalulile osedle lo mklomelo amasizini amabili kwiDStv Premiership. Ngesizini edlule uShalulile, odabuka eNamibia, ushaye amagoli awu-23. Ngeka-2019/2020 wahamba phambili nggawu-16 egijima kwiHighlands Park.
IPirates, ekhale ngokuyekwa kwamathuba ngesizini edlule, ilande uBienvenu Eva Nga kwiChippa United no-Evidence Makgopa obedlala kwiBaroka FC.
IChiefs yona ithathe u-Ashley du Preez obevutha kwiStellenbosch FC.
“Ngenkulu inhlonipho kodwa kubagadli abalandwe yizinkunzi zaseSoweto, angiboni kubona kukhona ongagudluza uShalulile esicathulweni segolide,” kusho uMphela.
“Kuyamgulisa (uShalulile) ukuphuma enkundleni engalishayile igoli. Lokhu kukodwa kumenza ahluke, ngingakayibali indlela azimisele ngayo ukusebenza.
“Abagadli bamanje bayazidlalela nje ngaphandle kokuba nezifiso nemigomo abazibekela yona.
“Umgadli akanankinga ngokuphuma enkundleni engazange alishayele nakanye ipali. Lokhu ngeke ukubone kuShalulile yingakho ngibona esazoqhubeka nokukhonya ngaphandle uma bezofika bashintshe emaqenjini abo amasha,” kusho uMphela.
UMphela ubalule izibalo zikaShalulile kusukela ngesizini ka-2020/2021, lapho eseshayele khona iSundowns amagoli angu-52 emidlalweni engu-84 yayo yonke imiqhudelwano.
Uma uqhathanisa lokhu noDu Preez ngesikhathi esifanayo, yena ubone inethi amahlandla angu-12 emidlalweni yeStellenbosch engu-56.
Kwengu-59 yeChippa ka-Eva Nga, uyishayele amagoli angu-16 kanti kwekaMakgopa engu-71 kwiBaroka, ushaye amagoli angu-16.
Uyaqonda uMphela ukuthi kwesinye isikhathi umgadli udinga inselelo entsha nokuthi ukufika emaqenjini amakhulu kungavukuza okuthile kodwa ziyamkhalisa izibalo.
“Izibalo zabagadli abasha bezinkunzi zaseSoweto zikhomba ukuthi ngeke kube nomehluko ongako kulokhu abebekwenza emaqenjini abo adlule.
“Kuyenzeka ukuthi ijezi leChiefs kumbe elePirates likukhulisele ukuzethemba kodwa konke lokhu sizokubona ngokuhamba kwesizini.
“Okwamanje ngisenenkinga ngezibalo zabo ngoba amathuba ahlale ekhona ngisho ngabe udlalela liphi iqembu kodwa umbuzo ukuthi sebezowasebenzisa yini?
“Ngibafisela inhlanhla kodwa ngiyabaxwayisa futhi nokuthi la maqembu asebeya kuwona, ahluke kakhulu kunalawa abasuka kuwona,” kusho uMphela.