UMDLALI ofike kuMaZulu waphenduka esinye sezithenjwa zeqembu emuva, uRamahlwe "Rama" Mphahlele, ukholwa wukuthi uma iqembu linganqoba inkomishi yeMTN8, lokho kungabuyisa isithunzi esifanele ebholeni laseNingizimu Afrika.
NgeSonto, uSuthu luzobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni womlenze wesibili owandulela owamanqamu, ozoba ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Emlenzeni wokuqala la maqembu abambana ngo-1-1 eFNB Stadium.
ElaMaZulu lashaywa nguGabadinho Mhango, elokukhava laMakhosi leza noKeagan Dolly.
Kuyiwa kulo mdlalo emakhulu amathemba kubantu baKwaZulu-Natal ekutheni isizukulwane sabadlali baMaZulu samanje singaliqeda ishobolo lokuhlulwa wukunqoba izinkomishi.
Umphumela uvuna Usuthu kwazise lwakwazi ukuthola igoli lasekuhambeni, okuphoqa ukuthi iChiefs ishaye igoli ukuze izibeke ethubeni lokudlula.
Sekuphele iminyaka ewu-30 AmaZulu agcina ukuphakamisa inkomishi nokuyinto eyenzeka ngesikhathi enqoba iCoca Cola Cup.
Nomengameli wawo, uSandile Zungu, ukubeke kwacaca ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi ufuna ukunqoba noma yinkomishi eyodwa njengoba iqembu ligubha iminyaka engu-90.
UMphahlele onqobe isicoco seligi kabili, iNedbank Cup neseTelkom esadlala kwiMamelodi Sundowns, ukholwa wukuthi uSuthu alunikwa isithunzi esifanele.
"AmaZulu akufanele ukufinyelela kowamanqamu eMTN8 nokuyinqoba le nkomishi. Kufanele ukube asohlwini lwamaqembu amathathu ahlonishwayo kuleli. Okufakazela lokhu wukungena kwawo kwiCarling Black Label Cup, ekubeni engaka amaqembu. Kuzicacele ukuthi alandelwa yizindimbane zabalandeli. Osekusele wukuthi andise izibalo zokunqoba izinkomishi, ezokufinyelela kweyamanqamu nezokunqoba imidlalo yeligi," kubeka uMpahlele osayiniswe wuSuthu ekuqaleni kwesizini ephuma kwiChiefs.
Lesi sitobha siqhube sathi njengoba sike sadlala kwiChiefs siyazi kahle ingcindezi ebhekene nayo.
NakuMakhosi isomiso sezinkomsishi sibhokile njengoba sekuphele iminyaka eyisikhombisa agcina ukuphakamisa.
"IChiefs inabalandeli yonke indawo. Bazolindela ukuthi inqobe. Lokho kuzoyakhela ingcindezi. Lokho kuzosisiza thina. Nakuba kunjalo iyiqembu elinzima, elinawo amandla okuxova izinhlelo zanoma yiliphi iqembu".
Lesi sitobha siphinde saphawula ngomqeqeshi wabo omusha, uRamain Folz (32) waseFrance.
Kuhlukene imibono ngaye ngenxa yokuba yiklume kwakhe kwezokuqeqesha.
NgeSonto kuzoba wokwesithathu esebhentshini loSuthu. Kwemibili yokuqala ubambane ngo-1-1 ne-Orlando Pirates neMaritzburg United kwiligi.
"Ungumqeqeshi ozithembayo, uyakholelwayo kuyena. Uyakwazi akwenzayo. Ukuzethemba kwakhe kwenza nakithina kube lula ukwenza akushoyo. Kule midlalo usesikhombisile ukuthi unezinhloso ezinhle ngeqembu. Okwamanje konke kuhamba kahle. Kube yibhadi nje ukuthi kule midlalo emibili edlule asinqobanga," kuqhuba uMphahlele.
UFolz uzishaya isifuba ngobukhali babagadli bakhe.
"Ngiyazi ukuthi iChiefs inabagadli bezinga eliphezulu kodwa angikholwa ukuthi bayafika kwabami. Kuzoya ngokuthi ngosuku lomdlalo iqembu ngalinye lizosebenzisa maphi amaqhinga. Sinalo iqhinga lokuwunqoba lo mdlalo. Siwuthathisa okowamanqamu," kusho uFolz ngokuzethemba.