UKUFINYELELA kweMorocco kowandulela amanqamu eNdebeni yoMhlaba esanda kusongwa eQatar, sekwenze umengameli weConfederation of African Football (Caf), uPatrice Motsepe, wangakungabaza ukuthi akusensuku zatshwala lo mqhudelwano unqotshwe yiqembu lase-Afrika.
Izolo uMotsepe ubebize isithangami sabezindaba ukuzobongela iMorocco ngokuqopha umlando namanye amaqembu ase-Afrika abeyibambe eQatar.
Kulesi sithangami ebesiseSandton, eGoli, ubehambisana nonobhala jikelele weCaf, uVeron Mosengo-Omba.
Sekungumlando ukuthi iThe Atlas Lions ecijwa, nguWalid Regragui, wakhona eMorocco, iwashiswe ijezi yiFrance ngo-2-0.
Ompetha bomhlaba kube i-Argentina eshaye iFrance sekukhahlelwa amaphenathi. IMorocco igcine iqede endaweni yesine ngemuva kokwehlula iCroatia emdlalweni wokubanga indondo yethusi.
Ngaphandle kokuncoma iMorocco, uMotsepe ubuye wabongela iSenegal, Cameroon, Ghana neTunisia ngokumela kahle leli lizwekazi.
"Ngesikhathi ngiqokelwa kwesobumengameli ngakuqagula ukuthi likhona izwe lase-Afrika elizokwenza kahle eQatar. Ngangigqugquzelwa ngamazwi uPele (ingwazi yebhola yaseBrazil), owathi ngeminyaka yango-2000 likhona izwe lase-Africka elizonqoba iNdebe yoMhlaba.
“Ngeke ngivume ukuthi i-Afrika enezigidi zabantu nekhono labadlali ihluleke ukuqhudelana ezingeni lomhlaba. Empeleni ayishumi noma awu-15 njengamanje amazwe ase-Afrika asezingeni lokuqhudelana ezingeni lomhlaba. Uma iCroatia enabantu abawu-3.5 million ikwazi ukufinyelela kowandulela owamanqamu thina singahlulwa yini,“ kusho uMotsepe.
Uncome iMorocco ngokuba nohlelo oluqondile lokuthuthukisa ibhola nokushaya ngengqalasizinda yezinga eliphezulu.
"IMorocco, Egypt ne-Algeria ngibashayela ihlombe ngokuhleleka. Ngiyazi ukuthi imali ibuye ibe yinkinga kwamanye amazwe kodwa kumele sisike iphethini kulawa. Ngenhloso yokuthuthukisa ibhola, ngonyaka ozayo sizohambela wonke amazwe angamalungu eCaf ukukhuluma nomengameli bala mazwe ukuthi bafake isandla (kwingqalasizinda). Sinyuse nesibonelelo esisinika izifunda (zones) namalungu ethu kuCaf.
"Sizophinde sinxenxe nosomabhizinisi abazimele. Sicela namalungu ethu asilekelele kulokhu. Sifuna abaxhasi bakubone kufanele ukuthi imali yabo bayifake ebholeni. Sizobuye sigxile kakhulu ekuthuthukiseni ibhola lezikole. Ngesikhathi ngiba umengameli esinye isazi sebhola sangitshela ukuthi impumelelo yeCaf ilele ebholeni lezikole. Sesinyuse nemali yemiqhudelwano ezifundeni," kuqhuba uMotsepe obebonakala ukuthi impumelelo yeMorocco imjabulisile.
Ungene ezintangeni ngesikhathi ebuzwa nguJesicca Motaung osekomidini lebhola labesifazane kwiCaf, ukuthi bazowalekelela kanjani amaqembu esifazane aya eNdebeni yoMhlaba ngonyaka ozayo e-Australia naseNew Zealand.
"Wena kawufanele ukungibuza lowo mbuzo. Empeleni uyingxenye yabantu okumele baqhamuke namaqhinga alokho ongibuza khona. Ngicela nixhumane ninonobhala ukuphuma nalelo qhinga,“ kusho uMotsepe.