UNOZINTI weMaZulu FC, uVeli Mothwa, akaphelelwa ubuthongo ebusuku ngoba ecabanga indaba yamathuba eBafana Bafana okuba iyingxenye yeNdebe yoMhlaba ka-2026 ezodlalelwa e-United States of America (USA), Mexico naseCanada.
IBafana iqala uhambo olubheke kule ndumezulu yomqhudelwano ngokwamukela iBenin emdlalweni ka-Group C namhlanje ngo-3 ntambama, eMoses Mbhida Stadium, eThekwini.
UMothwa osekhempini naleli qembu lesizwe eliqhathwe neBenin, Rwanda, Nigeria, Lesotho neZimbabwe kuleli qoqo, uzwakalise ukulethemba okukhulu ngamathuba okuba ingxenye yeNdebe yoMhlaba.
IBafana izoqala umdlalo weBenin ikhuthazekile kulandela ukubambana ngo 0-0 ngoLwesithathu kweRwanda neZimbabwe (bobabili esazodlala nabo kuleli qoqo). Elakuleli laligcine ngo-2002 ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ngezithukuthuku zalo. Lagcina ukudlala kulo mqhudelwano ngo-2010 ubanjelwe lapha eMzansi.
NgokukaMothwa obekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa), iBafana, kaHugo Broos, inazo zonke izinongo ezidingekayo ukudlula kuleli qoqo.
“Njengokujwayelekile, kuyisibusiso ukuba ingxenye yeqembu lesizwe kodwa kulokhu siyabuqonda ubumqoka bendlela esiyiqalayo,” kusho uMothwa.
“Isikwati esinaso siqine ngokwanele ukuthi singalihamba lonke ibanga elidingekayo ukuthi lifike ezweni lesethembiso (iNdebe yoMhlaba).
“Nabadlali abasha umqeqeshi alokhu ebalanda kancane kancane bafika bangene khaxa ngoba sonke sinesifiso esisodwa, okuwukubona leli qembu lesizwe koweNdebe yoMhlaba ka-2026.
“Lisuka kude leli qembu futhi sesazana ukusuka nokuhlala ngakho-ke akuyona into eyenza ngingalali ebusuku ukuthi sizobe sikhona yini koweNdebe yoMhlaba noma cha.
“Angingabazi ukuthi sizobe siyingxenye yomqhudelwano ngaphandle kokubukela phansi amazwe asiqhathwe nawo eqoqweni lokuhlunga.
“Ngikusho lokhu ngoba ngethemba iqembu lami, abaqeqeshi nokwazi ukuthi iphumaphi le Bafana njengoba isikuleli zinga ekulona,” kusho yena.
Lo nozinti unxenxe abantu baseThekwini namaphethelo ukuba bahambele lo mdlalo ngobuningi.
“ITheku aliyijwayele imidlalo yalolu hlobo ngakho abantu bakhona ngiyazi ukuthi ngeke baliyeke ithuba elifana naleli,” kuphetha uMothwa.
Nakuba imiphumela yakamuva yeBenin ikhomba ukuthi ayijwayele ukuwina imidlalo kodwa kuyaqapheleka ukuthi awupheli umdlalo leli qembu lesizwe lingazange lilishaye igoli.
Lokhu kuzitolika ngokuthi uma iBafana izimisele ngokuya eRwanda namaphuzu amathathu emgodleni, kumqoka ukuthi ingazithambisi ngoba iBenin ingawona noma inini umcimbi. IBafana izobhekana neRwanda ekuhambeni ngoLwesibili.