INJINI yeCape Town Spurs, uMichael Morton, iphosela inselelo iVenda Football Academy ngokuthi iphazamise izimbangi zabo njengoba yenzile kubona ngempelasonto edlule.
ISpurs isendaweni yesibili kwi-log yeMotsepe Foundation Championship ngamaphuzu angu-53 emuva kwemidlalo engu-28. Isele ngephuzu kwiCasric Stars eseqhulwini ngawu-54.
Ngaphambi kwemidlalo yangempelasonto edlule, iSpurs kade ihlezi esicongweni ilingana ngamaphuzu neCasric. Nokho igudlukile emuva kokwehlulwa yiVenda ngo 2-1. ICasric yenyukele eqhulwini emuva kokucosha iphuzu kwiPretoria Callies. Njengoba sekusele imidlalo emibili kuphele isizini, izinto zivuna iCasric edinga ukuyiwina yomibili ukuze izonyukela kwiDStv Premiership. Leli qembu laseMpumalanga, lizokwamukela iVenda eSolomon Mahlangu Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
"Kunzima ukuthi izinto azisekho ezandleni zethu. Akusona isimo esimnandi ukuba kusona. Besazi ukuthi ukuyodlala neVenda enkundleni yayo akulula. Kuyacaca ukuthi kuyoze kucacise imidlalo yokugcina. Lokhu ekwenze kithina iVenda, ayikwenze kwiCasric ukuze ezobuya ngokuphelele amathuba ethu okuwina iligi. Sisebenze kanzima kusukela isizini iqala," kusho uMorton.
ISpurs izolwela ukubuya namaphuzu agcwele uma isibhekene neMM Platinum eDobsonville Stadium, eSoweto, ngeSonto ngo-3 ntambama. Ukwehlulwa kwayo kungayibeka engcupheni yokudlala kweyokuhlunga neqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership. UMorton owadlala kwi-Orlando Pirates, Maritzburg United nakuMaZulu kwiDStv Premiership, ngomunye wabadlali beSpurs abanesipiliyoni sokudlala esigabeni esiphezulu okukhona kubona noClayton Daniels, Nazeer Allie, Granwald Scott noMorne Nel owayedlala kuSuperSport United.
"Uma singathola amaphuzu ayisithupha kule midlalo emibili esele singazibeka ethubeni lokuyiwina iligi. Yilokho kuphela esingakulawula. Akusafanele sitatazele. Kodwa kudingeka siqhubeke nokudlala ngendlela ebesivele sidlala ngayo. Akuwona umdlalo olula kodwa kufanele silwe," kusho uMorton.
Nakuba ushubile umbango wesicoco seligi kodwa sekucacile emsileni we-log. Izembe selivele ligawule iBlack Leopards neTshakhuma Tsha Madzivhandila. La maqembu asezodlala esigabeni sama-amesha kwiSafa Motsepe League.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
NgeSonto ngo-3pm: Black Leopards v All Stars (Thoyoyandou Stadium); MM Platinum v Cape Town Spurs (Dobsonville Stadium); Casric Stars v Venda Football Academy (Solomon Mahlangu Stadium); Baroka v Hungry Lions (Global Stadium); Pretoria Callies v JDR Stars (TUT Stadium); Magesi v Uthongathi (Old Peter Mokaba Stadium); Platinum City Rovers v Polokwane City (Olen Park); University of Pretoria v TTM (Tuks Stadium).