AKAKUGQIZI qakala uRhulani Mokwena, oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, ukuthi bazosonga isizini ka-2022/23 bekwazile noma behlulekile ukwephula amarekhodi.
ngoLwesithathu idlale naMaZulu koweDStv Premiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Lona bekuwumdlalo ka-28 weligi. Bekumele inqobe noma yikanjani uma izimisele ukwephula irekhodi layo lamaphuzu awu-71 eyalenza ngesizini ka-2015/2016.
Izobe isisala neMarumo Gallants neMaritzburg United kowokugcina, okungayibeka emaphuzwini awu-74 uma inqobe yonke imidlalo.
AmaBrazilian asenalo ithuba lokwephula irekhodi leKaizer Chiefs lika-1998/99, lokuphakamisa isicoco seligi ngokunqoba ewu-22 emidlaweni ewu-30. Asenqobe ewu-20 kwewu-27.
Aseliqophile elokunqoba kulandelana isicoco seligi amahlandla ayisithupha. Nokho kubukeka esehlulekile ukuphula elokushaya amagoli awu-73 layo iChiefs, lango-1998/99. Ngaphambi kokubhekana noSuthu, amaBrazilian abeseshaye amagoli awu-47.
Kubuzwa uMokwena ukuthi uwabona engakanani amathuba okuphula irekhodi lamaphuzu awu-71 nelokunqoba imidlalo engaphezu kwewu-22, uthe: "Into enhle ukuthi kasijahi ukuqeda iligi siphule amarekhodi. Lokho kusenza singaklinyeki. Sinezinto esifuna ukuzizuza ngezikhathi ezithile. Ngeke sizikhathaze ngezinto ezizogcina zisiphazamisa.“
Ngenyanga edlule kuke kwaba nesikhathi lapho ezikaMokwena zihluleke ukunqoba emidlalweni emine kulandelana. Zidlale ngokulingana kwemithathu zase ziwashiswa ijezi yiStellenbosch kuma-quarterfinal eNedbank Cup.
Zibe sezibuya ngamandla zishaya iCR Belouizdad yase-Algeria kweyama-quarterfinal, eCaf Champions League.