UTEBOHO Mokoena, udle umklomelo wePSL Footballer of the Season, kwase kuqubuka umsindo wokuthi bekufanele unikezwe uMonnapule Saleng, we-Orlando Pirates. UMokoena usedalule ukuthi kwayena uqobo, wavotela isikhwishikhwishi seZimnyama koweDStv Premiership Players’ Player of the Season.
UMokoena, oyibamba enkabeni yenkundla kwiMamelodi Sundowns nakwiBafana Bafana, umthelise kabili uSaleng ngoba bebebanga indondo yeDStv Premiership Midfielder of the Season.
Ekhuluma ngoLwesithathu ekuseni ohlelweni i-AM Report esakazwa kwiNewsroom Africa, uMokoena uveze ukuthi naye uqobo wavotela uSaleng emklomelweni wePlayers’ Player.
“Ngijabule (ngokuqokwa njengeFootballer of the season). Bengibhekene nombango oshubile kakhulu ngoba noRonwen Williams, wenze kahle kakhulu kwiMamelodi Sundowns.
“Imidlalo engu-18 engangenelwa yigoli, ubefana nomvusi wenyamazane wethu wasemuva. USaleng wenze kahle kakhulu kwi-Orlando Pirates, eqinisweni ngivotele yena emklomelweni wePlayers’ Player,” kuchaza uMokoena.
Okuheha kakhulu ngenkulumo kaMokoena ngokuvotela uSaleng, wukuthi kusukela echonyiwe emcimbini obungeSonto ebusuku, yinkulu inkulumompikiswano ngokuthi ngubani obefanelwe yilo mklomelo.
Iningi likholwa wukuthi bekufanele kube nguSaleng othatha neFootballer of the Season, ikakhulu uma ubheka ukuthi ugqame kuyo yomithathu imiqhudelwano yePremier Soccer League. Uphume phambili nakwiMTN8 Last Man Standing.
Exinwa uMokoena ukuthi ngabe uvotele uSaleng ngoba naye ekholwa wukuthi wenze kangcono yini ukunaye, uthe: “Noma ngingeke ngisho njalo kodwa yingoba bengingavunyelwe ukuvotela uzakwethu esidlala naye eqenjini elilodwa (uWilliams).”
OweMidfielder of the Season, bebewubanga nokaputeni weSundowns, uThemba Zwane, ogcine engatholanga lutho. Bonke abadlali batheleke ngoLwesithathu ekuseni ekhempini yeBafana, eGoli.
Baqala amalungiselelo okubhekana neMorocco, emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations, osufana nowokungcweka. Womabili amazwe asezibekisele indawo kulo mqhudelwano ozoba ngonyaka ozayo e-Ivory Coast. Umdlalo wokuqala owawumqoka wanqotshwa yiMorocco ngo 2-1 ekuhambeni, owesibili ungoJuni 17.