NGOKUSHO kukaPaul Mitchell weSiyavuma Sports Group, uRelebohile Mofokeng, weOrlando Pirates usazobuyela phesheya.
Emasontweni edlule, kuvele izindaba zokuthi uMofokeng uyozama inhlanhla kwiWolverhampton Wanderers edlala kwi-English Premier League. Lezi zindaba zigcine ziqinisekiswe umqeqeshi weZimnyama, uJose Riveiro, kwabezindaba ngaphandle kokwenaba ngemininingwne yohambo.
Kuthiwa bachazekile abaqeqeshi baleli qembu ngendlela lo mfana afike wayihlikihla ngayo kwinhlolokhono.
Kuvela ukuthi leli qembu liqale ukubona uMofokeng ngesikhathi iPirates inekhempu eSpain okuyizwe okudabuka kulo uRiveiro. UMofokeng (19) uqale ukuzakhela igama esadlala kwiDStv Diski Challenge ngaphambi kokuthi akhushulelwe esikimini esikhulu seZimnyama.
E-England kuvela ukuthi uhehe amehlo abaqeqeshi abaningi ngaphandle kwawabeWanderers.
UMitchell utshele leli phephandaba ukuthi abantu bakuleli bangathuki, uMofokeng unethalente eliyisimanga, iWanderers noma elinye iqembu e-Europe lizomsayinisa.
"Angazi ukuthi yini le ngaka ethusa abantu ngokubuya kukaMofokeng. Lapha e-England ubeze ukuzohlolwa, akukona ukuthi ubesesayinile. Ngiyakutshela, lo mfana unethalente eliyisimanga, noma kungasekhona kwiWanderers kodwa uzolithola iqembu lapha e-Europe," kubeka uMitchell osezinze e-England.
Le menenja yabadlali isihambise abadlali bakuleli abahlukene emaqenjini aphesheya.
Abagqame kakhulu uSiyanda Xulu noKeagan Dolly. UMitchell uthe likhona ithelente kuleli futhi uyakholwa wukuthi abadlali baseMzansi basengenza kahle emazweni angaphandle.
Uthe inkinga wukuthi akusebenzeki namanye amaqembu akuleli.
"Imakethe eNingizimu Afrika yehle kakhulu. Isona sizathu esenze ngahamba. Iningi lamaqembu liphethwe ngendlela engekho ezingeni eliphezulu. Ngikhuluma nje, ngikweletwa inqwaba yamaqembu. Angiboni ukuthi ngiyophinde ngiyithole leyo mali. Lapha e-England kuyaphileka, amaqembu akhona aphethwe ngendlela yezinga eliphezulu," kusho uMitchell.
Uqhube wathi ulibona liqhakazile ikusasa lakuleli ngesibalo sabadlali bakuleli abasayiniswa ngamaqembu aphesheya.
"Kuyiko nje ukuthi kumele kubanjiswane. Engikutholile ukuthi ozakwethu (ezinye izimenenja) abazifundisisi kahle izinkontileka ezisayiniswa abadlali. Bajabulela ukuthi sebezodlala phesheya. Ngiyabacela ozakwethu nabadlali baqaphele. ENingizimu Afrika likhona ikhono. Okubalulekile ukuligada ngendlela efanele,“ kusho uMitchell.