NAKUBA iMemelodi Sundowns isaqhubeka nokubolekisa ngoNyiko Mobbie, phezu kokuba ehlale ebizelwa kwiBafana Bafana kodwa lo mdlali uthi akakhathazekile nakancane.
Lesi sitobha esiyibamba ohlangothini lwesokudla, sithathwe amaBrazilians kwiFree State Stars, ngesizini ka-2019/2020. IFree State ibidliwe yizembe kweka-2018/19.
Kasikaze silithole ithuba lokuzinza kwiSundowns. Ngesizini yokuqala sibolekiswe kwiStellenbosch. Kweka-2020/21 siphinde sabolekiswa kwiChippa United. Sibe sesidlulela kwiSekhukhune United kweka-2021/22.
Nakwephezulu iSundowns iphinde yasibuyisela isitobha kuleli qembu nakuba sekuphele isikhathi eside lingasali igama laso uma kuqokwa iqembu lesizwe.
UMobbie ubekhona nasemidlalweni emibili lapho iBafana, ishaye iLiberia maqede yazibekela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqala ngoJanuwari 13 isongwe ngoFebruwari 11, ngonyaka ozayo e-Ivory Coast. Usebizelwe kuyo amahlandla awu-14 ngaphansi.
Udlale ewu-24 yeligi nemithathu yeNedbank. Kwesokudla emuva eChloorkop, kudlala uThapelo Morena noKhulisa Modau.
Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngalokhu kubolekiswa phezu kokuba ehlezi edlala kwiBafana, uthe: "Ukudlala kule ligi akuncikile kwiSundowns, konke kulele kumina njengomdlali. Yini engangikhalisa ngoba ngiyalithola ithuba lokudlala kwiSekhukhune? Umqeqeshi uyanginika ithuba. Umqondo wami wonke ngiwugxilise ekusizeni iSekhukhune. Yebo, nginenkontileka neSundowns kodwa ukukhuluma iqiniso ngijabule lapha ngikhona.“
UMobbie ukuphikile ukuthi wukubizelwa kwiBafana okumgqugquzela ukuhlale edlala kahle.
"Noma kuphi lapho udlala khona kumele uhlale uzimisela. Akungabi ukuthi yingoba udlala kwiBafana. Konke kukuwe njengomdlali,“ kusho uMobbie.
Kulezi zinsuku iBabina Noko imatasa ngokujabulisa abalandeli bayo. Kwegcine ukuwudlala ishaye iKaizer Chiefs ngo-1-0 koweligi. Kowandulela lo mdlalo ishaye iChippa kuma-quarterfinal, eNedbank Cup. Ibiphuma ekwehluleni iMaritzburg United koweligi. Kowandulela owamanqamu eNedbank izobhekana neStellenbosch ngoMeyi 6.
Kusasa ngo-8 ebusuku, iSekhukhune izodlala naMaZulu, eMoses Mabhida Stadium. Isendaweni yesikhombisa ngamaphuzu awu-33 emidlalweni ewu-26. USuthu lukweyesi-12, ngawu-29 emidlalweni eyisibalo esifanayo. Azizinhle neze izinto kulo ngoba sekuphele emihlanu lwehluleka ukunqoba.