ISITOBHA seSekhukhune United, uNyiko Mobbie, asikugqizi qakala ukugxekwa ngabantu uma siqokelwe kwiBafana Bafana.
UMobbie (28), obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiSekhukhune, ungesinye sezethenjwa zomqeqeshi weBafana, uHugo Broos, kusukela ethathe izintambo ngoMeyi nyakenye.
Kukhona abanganeme ngokuqokwa kukaMobbie, abakhala ngokuba phansi kwezinga lakhe. Abamgxekayo baze benze isibonelo ngesigameko lapho eshiywa isilomo somgadli, uKylian Mbappe ngesikhathi iBafana ithelwa ngehlazo lika 5-0 yiFrance kowobungani ekuhambeni nyakenye. Nokho uBroos usaqhubeka nokwethembela kuMobbie, ezeseka ngokuthi selokhu afika eNingizimu Afrika lo mdlali waseLimpopo akaze amenzele phansi uma emqokile esikwatini. Emasontweni adlule, uphinde wagxekwa uBroos eshiya ngaphandle uKhuliso Mudau weSundowns odlala indawo efanayo nekaMobbi.
"Abantu bayohlala bekhuluma. Wenza okuhle noma wenza okubi, bayohlala bekhuluma. Ngeke lokho kungenze ngiyeke ukwenza into engiyithandayo. Kufanele ngiqhubeke, akukho okunye. Njengomdlali kufanele ikhule indlela engidlala ngayo futhi lapha kwiSekhukhune nginaye umqeqeshi ongisizayo ukwenza lokho. Kufanele ngiphucule indlela engimaka ngayo nengihlasela ngayo," kusho uMobbie oyibamba kwesokudla emuva.
Mayelana nokuqokwa kwakhe uBroos, uthe: "Angikwazi okuhlukile engikwenzayo okwenza umqeqeshi angiqoke. Uyena owaziyo ukuthi kungani ngiseqenjini lesizwe. Kodwa kufanele ngizame ukwenza konke okusemandleni uma ngithola ithuba. Uma ngithola ithuba kufanele ngidlale kahle. Konke kuncike ekusebenzeni kanzima. Akukho okunye."
Kubantu abagxeke esidlangalaleni ukuqokwa kukaMobbie kwiBafana, kukhona nomqeqeshi uPitso Mosimane. Lo mqeqeshi uyena osayinise uMobbie kwiSundowns esuka kwiFree State Stars ngo-2019. Selokhu asayina eChloorkop, uphila ngokubolekiswa. Usephuma kwiStellenbosch nakwiChippa United. UMosimane ebuzwa ngoMobbie, nyakenye, wathi akananxa naye kodwa eyeBafana kungakhethwa abanye abadlali.
Umqeqeshi weSekhukhune, uBrandon Truter, uthe naye ubengayizwa ekaMobbie neBafana engakasebenzi naye.
"Ukukhuluma nje iqiniso, ngisambukela kude, ngingakasebenzi noNyiko Mobbie, benginakho ukumngabaza. Kodwa manje ngoba sengisebenza naye, sengisondelene naye futhi nginaye zonke izinsuku, sengikuqonda ngokugcwele ukuthi kungani uHugo Broos emqoka. Muhle ekubambeni indlela esizodlala ngayo. Ufaka ikhanda phansi, asebenze futhi uyilandela kahle imiyalelo. Manje sengiyazi futhi ngiyohlala ngikuveza ukuthi kungani efanelwe wukudlala eqenjini lesizwe.
"Ngicabanga ukuthi umfana uhamba phambili okwamanje kubadlali basemuva kwesokudla. Uyakwazi ukugoba amabhola. Uqala iminyakazo futhi uyabuya ezomaka. Ungumfana okumnandi ukusebenza naye enkundleni nangaphandle. Ukugxekwa kwakhe akumfanele. UNyiko Mobbie uzithobile futhi uyabahlonipha ngisho ozakwabo. Usenze saziqhenya ngaye kwiBafana. Besidinga abadlali bethu abaphambili enkundleni, amasosha uqobo lwabo ngesikhathi sibhekene neLiberia. Ubengelinye lawo. Ngiyaziqhenya ngaye. Ukugxekwa akumfanele nhlobo," kusho uTruter.