AKUYONA into ayithakaselayo umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, ukuthi iqembu lakhe lizobhekana neMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout, kubuywa ngakho kodwa ekhefini lemidlalo yeFifa.
ISundowns neMagesi bazobanga u-R6.6 million kowamanqamu ongoNovemba 23, eToyota Stadium eFree State, okuzobe kuwumdlalo wokuqala zibuya ekhefini leFifa eliqhubekayo.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngeSonto ngemuva kokunqoba kwiMarumo Gallants ngo 2-0, uMngqithi uzwakalise ukungenami ngesinqumo sePremier Soccer League (PSL) sokubeka lo mdlalo ngoNovemba 23.
Emasontweni amabili ezayo bangu-10 abadlali beSundowns abazobe bemele amazwe abo esizwe ngokwahlukana kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) yingakho uMngqithi ethi bekungangcono baqale ngoweligi (neSekhukhune United ngoNovemba 30) esikhundleni sokuya kowamanqamu.
“Angibuboni ubulungiswa ngokubekwa kowamanqamu zibuya ngakho kodwa ekhefini lemidlalo yeFifa. Lokhu angikusho ngeSundowns kuphela kepha nakwiMagesi, ngeke kube yinto elula,” kusho uMngqithi.
“Umdlalo weligi neSekhukhune ubungadlalwa ngoNovemba 23 bese kudlalwa owamanqamu weCarling ngempelasonto elandelayo. Ngiyazi ngimane ngiyazikhalela nje ngoba akusekho okuzoshintsha.
“Sizosifakela izibuko isikimu esizodlala lo mdlalo kodwa okuningi kuzocaciswa ukuthi laba abaya kweyamazwe ngamazwe bazobuya bekusiphi isimo.
“Kufanele sisamukele isinqumo sePSL yize singahambisani naso ngoba akukho esingingakwenza ukushintshisa le nhlangano.
“Okunye okusemqoka ukukuqaphela ukuthi nayo i-PSL ngesikhathi ikhipha usuku lowamanqamu mhlawumbe yayingazi ukuthi obani abazobe bekuwona,” kusho yena.
Akazange nokho abufihle ubumqoka bokuqukula le nkomishi nejoka elisemahlombe abo ukwenza lokho kwenzeke.
“Okujabulisayo ukuthi leli elinye ithuba leSundowns lokufaka okuthile ekhabetheni layo lezinkomishi okuyisikompilo leqembu.
“Nakuba kuzobanzima kepha siyaqonda ukuthi kubhekwe thina ukuba sidle lesi sicoco. Abadlali enginabo banawo amava okumelana nalokhu okubhekwe kubona ngakho-ke siya kwiMagesi ngokuzethemba kodwa ngenhlonipho.
“Siyakujabulela ukuba ingxenye yomdlalo wamanqamu enkundleni esedolobheni elinabanye babalandeli bebhola laseNingizimu Afrika abahamba bodwa ngokuthakasela umdlalo kanobhutshuzwayo,” kusho uMngqithi.