UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, udalule ukuthi umagange ngokubuye azuze isicoco seMTN8, esesiphunyuke ezakhe amasizini amabili elandelana.
ISundowns yagcina ukuphakamisa isicoco seMTN8 ngesizini ka-2021/2022 uMngqithi esaqeqesha ngokuhlanganyela noRulani Mokwena noSteve Komphela. Kumasizini amabili edlule ihlulekile ukusizuza isicoco.
Ngesizini ka-2022/23 yaguqiswa yi-Orlando Pirates kowamandulela owamanqamu, kwathi ngesizini edlule yaphucwa iqatha emlonyeni yiyo futhi iPirates iyiguqisa kowamamanqamu alo mqhudelwano ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Ukudlala kulo mqhudelwano weMTN8 kuyisikhuthazi nje kukodwa kubadlali ngenxa yesamba semali esidlalelwayo. Buka nje ukuthi umklomelo weMTN8 weqembu elizonqoba indebe usukhuphuke waba nguR10 million.
“Uyacabanga kungaba mnandi kanjani ukuzuza uR10 million ngemidlalo emine nje kuphela. Ngenkathi isanda kuqala i-MTN8 umklomelo wayo kusengu-R8 million, ngaba nenhlanhla yokuyiwina, pho yini engangivimba ekwenzeni okufanayo nakulo nyaka,” kusho uMngqithi, owanqoba lesi sicoco okokuqala ngo-2009 esaqeqesha iLamontville Golden Arrows.
Indlela yeSundowns ebheke eqatheni elinonile likaR10 million, iqala ngokutholana phezulu nePolokwane City, kusasa ngo-3 ntambama kowama-quarterfinal ozodlalelwa eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
“Ngiyaye ngithi imidlalo enzima kakhulu ebholeni yileyo okusuke ulindelwe ngabaningi ukuthi uzonqoba kalula kuyona. Yilapho-ke okuyaye kubaluleke khona kakhulu ukuthi abadlali bakuqonde ukubaluleka kwemidlalo enjengalena, lapho sisuke sibheke namaqembu athathwa njengamancane.
Siyazi ngeke kube lula ukubhekana nePolokwane. Sadlala nabo ngokulingana (0-0) emdlalweni weligi womlenze wesibili ngesizini edlule, futhi abangenelwanga goli emidlalweni emihlanu yokugcina yesizini.
Ngenxa yesitayela sabo sokudlala, kwesinye isikhathi ubathola bevale emuva ngabadlali abayisithupha, kungabi lula ukugqobhoza udonga lwabo.
Nokho, sinabo abadlali abanomjiko abazokwazi ukubavula futhi sinabadlali abahle ekushayeni ama-free kick, abanjengo-Aubrey Modiba, noTeboho Mokoena.”
Komunye umdlalo wama-quarterfinal eMTN8, namuhla ngo-3 ntambama, iSekhukhune United izotholana phezulu neCape Town City, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
IPirates neStellenbosch FC sebevele bazibekisele indawo kweyandulela owamanqamu ngokunqoba kwiSuperSport United, nakwiTS Galaxy ngokwehlukana ngeledlule.