UZIMISELE ngokubhukula ukuze ijezi lizohlala lingelakhe uSiphelele " 21 Jump Street" Mkhulise (28) oyibamba kuthule umoya esiswini seMamelodi Sundowns.
Lo mdlali, odabuka kwaKhetha, eMpendle, unyuselwe eqenjini elikhulu leSundowns ngumqeqeshi, uPitso Mosimane, ngo-2018.
Ukhiqizwe yinkulisa yawo amaBrazillians afike kuyo ngo-2012.
Ngesizini esanda kusongwa uMkhulise udlale imidlalo ewu-24 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano. Ingu-15 eyeDStv Premiership, eminye kwaba ngeyeminye imiqhudelwano. Ngesizini ka-2022/23 washaya amagoli amabili emidlalweni ewu-30.
UMkhulise nguyena yedwa umdlali weSundowns obephelezele usihlalo wayo, uTlhopie Motsepe, emcimbini wokubonga abalandeli babo ngempelasonto edlule eThekwini. Leli qembu kade liphethe izindebe ezimbili eliziwinile ngesizini edlule okungeligi yeDStv Premiership neye-African Football League (AFL).
UMkhulise utshele Isolezwe ukuthi ngaso sonke isikhathi uhlale efuna baziqhenye ngaye abantu bangakubo eMpendle, KwaZulu-Natal, nabo bonke abalandeli bamaSandawana.
Uveze ukuthi azokulwela ngesizini ezayo ukuthi ijezi kuhlale kungelakhe.
"Ngijabule ngezinkomishi esizizuzile ngesizini ephelile. Ngijatshuliswa nawukuthi ngibe nesandla empumelelweni yeqembu. Nangesizini ezayo ngizolwela ukuqhubeka nokwenza okufanayo. Nakuba kunjalo kuzomele ngisebenze kakhulu kunakuqala ukuze ijezi lizohlala lingelami. Ngifuna ukudlala imidlalo eminingi. Lokhu kuzokwenza ukuthi ngelekelele iqembu ngezinga elanele," kubeka uMkhulise.
Maphambili nesisu ijezi ulibanga nomakadebona, uThemba "Mshishi" Zwane, oshaye amagoli amabili emidlalweni ewu-41. Kukhona noMarcelo Allande waseChile ovalele enethini amane kwewu-44 noNeo Maema odlale ewu-28.
UMkhulise uqhube wathi: "Njalo uma kuphela isizini ngihlala phansi ngibuyekeze indlela engidlale ngayo. Ngizama ukwenyusa izinga lapho ngingenzanga kahle khona. Ngesizini edlule ngibe nezingqinamba ezimbalwa. Okuhle ukuthi ngiyazi ukuthi ngizozilungisa kanjani".
Lo mdlali, owake waba umfana olanda ibhola enkundleni (ball boy) emidlalweni yeSundowns, utshele Isolezwe ukuthi leli qembu lambona ngo-2012 edlalela isikwati saseMgungundlovu kwiFNB Cup Under 15 e-University of Johannesburg.
Uthe ukudlalela iSundowns kwakhe wethemba ukuthi kuzofaka umqondo wokuthi akukho okungenzeki entsheni yasezindaweni zasemakhaya afana neMpendle.
"Akukho okungenzeki uma uzozimisela. Ubufakazi balokho into eyenzeke kumina. Kuphenduleke imithandazo yami ngokujoyina iSundowns. Bengihlala ngiphupha ngokuyidlalela. Ngijabule kakhulu," kuqhuba uMkhulise inkontileka yakhe ephela ngoJuni wangonyaka ozayo.
Ngo-2021 kuke kwavela ukuthi ufunwa iMonaco edlala kuLigue 1 eFrance.