OWAYENGUNOZINTI we-Orlando Pirates noseyinxusa le-Engen Knockout Challenge, uBrighton Mhlongo, ukholwa wukuthi abazali bangabamba elikhulu iqhaza ekwesekeni nasekukhuthazeni izingane zabo ezibambe iqhaza kwezemidlalo ukuze zikwazi ukufeza amaphupho azo.
UMhlongo ukusho lokhu kuqhathwa amaqembu azodlala emqhudelwaneni walo nyaka obekwenziwa e-Onomo Hotel, eThekwini, izolo.
Lo mqhudelwano ohlanganisa amaqembu abafana ka-U/18 nawamantombazana ka-U/20, uzodlalelwa e-Edgewood Grounds, eThekwini, ngoJuni 29 kuya ku-30.
Angu-34 amaqembu abafana nawamantombazane azobamba iqhaza kulo mqhudelwano. Angu-12 eqoqweni labafana naseqoqweni lamantombazane.
Iqembu elizodla umhlanganiso kubafana nelizodla umhlanganiso kumantombazane, azomela iKwaZulu-Natal, kwi-Engen Champ of Champs, ngo-Okthoba, eGauteng.
“Ngicabanga ukuthi kuthatha umphakathi ukukhulisa ingane. Umzali wengane, ngisho nomakhelwane angabamba iqhaza nganoma iyiphi indlela ekukhuthazeni nasekwesekeni ingane emdlalweni ewenzayo.
Yebo kufanele osomabhizinisi batshale imali ekuthuthukisweni kwebhola kodwa kwesinye isikhathi nabo abazali kufanele bazinike isikhathi sokweseka izingane zabo kwezikwenzayo, ngayo yonke indlela abangenza ngayo, ngoba lokho kuyazikhuthaza kakhulu izingane ekuzimiseleni emidlalweni eziyidlalayo. Ezinye izinto azidingi imali kuphela. Zidinga uthando, nokwesekana,” kusho uMhlongo.
Ube esekhuthaza abadlali abazobe bebambe iqhaza kulo mqhudelwano ngoba kungenzeka bazithole bethatha amehlo amaqembu ePremier Soccer League (PSL).
“Baningi abadlali asebekhiqizwe yilo mqhudelwano we-Engen Knockout Challenge, asebengabadlali abagqamile emaqenjini eDStv Premiership, abaqhamuke kuwo lo mqhudelwano.
Ngakho kufanele wonke umdlali odlala lo mqhudelwano azimisele, ngeke azi ukuthi ubukwa ngubani,” kuqhuba uMhlongo.
Nyakenye umhlanganiso wadliwa AmaZulu FC kubafana, kwabesifazane kwanqoba iDurban Ladies.
KumaChamp of Champs kazwelonke ayedlalelwa eKapa, ngo-Okthoba, umhlanganiso wadliwa yiStellenbosch FC, kwabesifazane kwaphumelela iCape Town Roses.
Ziqhathwe kanje kwi-Engene Knockout Challenge:
Ebafaneni (U/18):
Group A: Ethekwini Centre of Academy; Ethekwini Coastal; Lindelani FC
Group B: AmaZulu FC; Inanda XI; Mtuba Spurs
Group C: KZN Academy, Midlands Academy, Mandeni Celtics
Group D: Shayamoya Academy; Kusekhaya FC; Shining Stars
Emantombazaneni (U/20):
Group A: Durban Ladies, Babhambe FC; Adams Academy
Group B: Sunflower WFC; Umlazi Lions; UZKN FC
Group C: DUT FC; Toti Ladies; Shooting Stars
Group D: Westville Ladies; Lindelani Ladies; Crusaders