UMGADLI waMaZulu FC, u-Augustine Chidi Kwem, ubuye emaholidini enomfutho omenza aphuphe ngokusiza leli qembu laseThekwini ngamagoli ukuze liqede lisendaweni ezolinika igunya lokudlala emiqhudelwaneni yeCaf, iChampions League noma iConfederation Cup ngesizini ezayo.
UKwem, odabuka kwelaseNigeria, usayine kuMaZulu kusaphele izinyanga ezimbili ephume kwiChampions League, ngaphansi kwesandla sikaBenni McCarthy, naye osekuwumlando ukuthi ubengumqeqeshi woSuthu kwazise akazange ayiqale le sizini.
Njengoba iDStv Premiership kade ihlabe ikhefu, uKwem, ofike Osuthwini esuka kwiTS Galaxy, ubengaphumule kepha ubesebenza yedwa ngenhloso yokubuya ngomfutho ozosiza iqembu ukuba libuyele phezulu.
Yize kuyiwe ekhefini Usuthu luphoxwe ukudedela kwalo isicoco seMTN 8 (esithathwe yi-Orlando Pirates), nokuphuma kalula kwiCarling Black Label Cup, uKwem utshele Isolezwe ukuthi wenelisekile ngakubona kozakwabo njengoba sebebuyile ekhefini ebelidalwe yiNdebe yoMhlaba ebiseQatar.
“Ngenelisekile ngomsebenzi esesiwenzile kusukela sibuyile emaholidini okufakazelwa nayindlela esenze ngayo emidlalweni yobungani nenzima esibe nayo muva nje,” kusho uKwem.
“Okusemqoka kunakho konke wukuqala ngegiya eliphezulu kowokuqala neSekhukhune United ngoba lokhu yikhona okuzosicentela indlela ebheke lapho sifuna ukuphelela khona ngoMeyi. Nami ngingedwa nginezami izibalo okufanele ngizenze zibe ngcono kunalokhu eziyikhona okwamanje.
“Ukuphumelela kwethu ukuqeda sibalwa namaqembu akwiTop 8 esiwombeni sokuqala kusikhombisa ngokusobala ukuthi singahamba ibanga elide kangakanani esiwombeni sesibili. Ngenxa yaleli khefu, sithole nethuba lokwazana kangcono nanomqeqeshi (uRomain Folz),” kuqhuba lo mgadli osalushayele igoli elilodwa koweligi Usuthu kule sizini.
“Umyalezo enginawo kozakwethu ukuthi asifake umfutho okokugcina ukuze singeke singagcini ngokubalwa kwiTop 8 kepha sizifake kwamane noma amathathu aphezulu.
“Ngalowo mfutho singazithola sibuyisela iqembu emiqhudelwaneni yeCaf okungaba yinto emnandi uma ingenzeka ihambisane nokuthi ngandise esibalweni samagoli bese nokulimala kuthi ukuhlehla kancane,” kuphetha uKwem.
UKwem usayine inkontileka yamasizini amathathu kuMaZulu ngoJulayi esuka kwiGalaxy abeyijoyine esuka kwiChippa United.
AmaZulu abuyela kweyeligi ngokuvakashela iSekhukhune United ngoDisemba 31 ngo-5.30 ntambama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.