KUKHONA isifo esibi esihlasele abadlali beSwallows FC okungenxa yaso inhloko yabaqeqeshi kuleli qembu, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, inovalo ngamathuba okuvika izembe ekupheleni kwesizini.
UMiddendorp ukusho lokhu ngemuva kokubhudluzwa yi-Orlando Pirates ngo-4-1 koweDStv Premiership ngesonto eledlule, eDobsonville Stadium.
Ngokwalo mqeqeshi waseGermany, iSwallows ngabe ikude kunala ikhona kwi-log ukube asikho isifo sokuwina umdlalo ngendlela encomekayo bese yenza okuphambene kakhulu kunalokho emdlalweni olandelayo.
Bekungokokuqala eshayelwa ekhaya uMiddendorp kusukela ethathe lo msebenzi kuDylan Kerr, emidlalweni yeligi engu-11 edlule. Izinyoni zinamaphuzu awu-24 emidlalweni ewu-21. Zibambe indawo ka-14 kwi-log emaqenjini awu-16.
“Angiphoxekile kangako ngomphumela ngoba vele iPirates ingcono kakhulu kunathi uma uqhathanisa uhlobo lwabadlali kodwa ngiphoxwe indlela esiyenzele kwabalula ngayo ukuthi isibhudluze,” kusho uMiddendorp kwabezindaba emuva komdlalo.
“Sidlale leli bhola engihlale ngilifisa siqoqa amaphuzu agcwele ePort Elizabeth (kwiChippa United), emdlalweni odlule kodwa esikwenze kulo owePirates, kuhluke kakhulu kunalokho esikwenze kwiChippa.
“Angazi noma ngithi isifo yini lesi kodwa kujwayelekile kwiSwallows ukuthi idlale leli okuthiwa linenkosi phakathi kule mpelasonto kodwa kwelandelayo ivele ushaye udaka olusabekayo,” kuqhuba yena.
“Eqinisweni ugcina ungasazi ngempela ukuthi kwenzekani ngoba abadlali abebevutha ejimini bavele bafike kube sengathi banokwesaba kweminye imidlalo. Kwesinye isikhathi ngize ngizibuze ukuthi mhlawumbe inkinga ikumina?
“Sizoludingida lolu daba ngaphakathi ngoba lesi sifo ngeke sisisize ngalutho esifisweni sethu esikhulu kunazo zonke kule sizini okuwukuvika izembe,” kusho uMiddendorp.
Lo mqeqeshi uthembise ukusheshe awudlulise engqondweni umphumela weSwallows bese ebheka ukuthi angawaqoqa kanjani amaphuzu agcwele kolandelayo weligi neLamontville Golden Arrows, ngoMashi 17 eDobsonville Stadium.