OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates, uMark Mayambela, udonse ngendlebe umfowabo, uMihlali Mayambela, oshaye into ecokeme kwiBafana Bafana esanda kuzifaka kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
UMihlali ushaye igoli lokuwina ngesikhathi iBafana yehlula iLiberia emdlalweni wokuhlungela lo mqhudelwano emasontweni edlule. Lo mgadli ungomunye wabadlali abangakaze badlale kwiDStv Premiership, abawelele phesheya kwezilwandle. Nyakenye uMayambela omdala uzwakalise ukungenami ngokushaywa indiva kwiBafana komfowabo ekubeni enza ezibukwayo kwi-Aris Limassol yaseCyprus ayijoyine ekuqaleni kwesizini esuka kwiSC Farense yasePortugal.
UMayambela uthe uMihlali kufanele angabe esawudedela umgqigqo ahamba ngawo.
"Njengomuntu waseNingizimu Afrika ngiyajabula ukuthi iBafana isizibekisele indawo kwi-Afcon. Kodwa ngiyaziqhenya kakhulu ngoMihlali ngendlela adlale ngayo. Iyakhombisa ukuthi inenqubekela phambili. Ngijabule kakhulu ngaye. Nginethemba lokuthi uzoyithola indawo eqenjini elizoya kwi-Afcon nelizongena koweNdebe yoMhlaba," kusho uMayambela.
"Kodwa kufanele aqhubeke ngokusebenza kanzima, abambe umgqigqo eqenjini nakwiBafana Bafana ngoba ibhola wumdlalo wokubanga ijezi. Lowo umbango yiwona obasizayo ukwenyusa izinga kwiBafana. Naye uMihlali kufanele azibambe ziqine ukuze engabe esaphuma kwiBafana."
IBafana isizodlala owokugcina wokuhlunga neMorocco ngoJuni. Womabili la mazwe yiwona azodlula kuGroup K.
Umqeqeshi welakuleli, uHugo Broos, uhlalelwe wumsebenzi wokuqoka iqembu eliqinile elizokwenza iNingizimu Afrika iziqhenye. Ngokufaka elakuleli kwi-Afcon, uBroos ubuyise ithemba kwabaningi abebengasayizwa indaba yakhe.
"Njengoba kuyiwa kwi-Afcon iminyango ivulekile kubona bonke abadlali okubalwa kubona nabebengekho esikwatini. Kufanele baqhubeke nokusebenza kanzima ngoba sisekhona isikhathi ngaphambi kwe-Afcon," kusho uMayambela.
UMayambela usengumqeqeshi weCape Town City kwiDiski Challenge.