UMGADLI weBafana Bafana ozinze phesheya kwezilwandle, uMihlali Mayambela, ubhoboke ngobunzima bokukhula eqhathaniswa nomfowabo omdala, uMark (Mayambela), kunoma yini abeyenza enkundleni, kangangokuthi kucishe kwamyekisa ibhola.
UMayambela (26) odlalela i-Aris Limmasol yaseCyprus ungomunye wabadlali okubhekwe ukuthi baweze iBafana njengoba esesikwatini esizodlala neLiberia kusasa ngo-6 ntambama eSoweto.
Lo mdlalo weGroup K ngowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba se-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
Usehlale phesheya iminyaka ecela kweyishumi lo mdlalo oyibamba phamabili. Uyakuqonda ukuthi uzalwa nomunye wabadlali obeyisithandwa sabalandeli bebhola kwiPremier Soccer League.
UMayambela omdala uke wayibamba kwiBloemfontein Celtic nakwi-Orlando Pirates, Chippa United ne-Ajax Cape Town. Iningi labalandeli belimuthandela ukuba nemijiko emihle enkundleni.
“Ngendlela obekunzima ngayo ngisaqala ukuphendla indlela yami ebholeni ngenxa yesibongo sami nobekwenziwa wumfowethu omdala, ngicishe ngaliyeka ibhola,” kusho umgadli ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa).
“Ngabe ngenza elikhulu iphutha uma nginciphisa iqhaza elibanjwe wumfowethu ekukhuleni kwami nakunobhutshuzwayo, futhi nanamuhla sisengabangani kodwa kuliqiniso ukuthi kuqale kwaba nzima ukuba ngowakubo,” kusho uMihlali.
“Kunezikhathi lapho bengize ngizingabaze kwamina ngenxa yokuhlanganiswa noMark noma isidingo singekho. Kukona konke ebengikwenza bengiqhathaniswa naye, okuyinto ebingangiphathi kahle, kangangokuthi kunesikhathi lapho ngike ngazizwa khona sengikhathele.
Ngaze ngaphelelwa wuthando lwebhola kodwa kuhambe kwahamba ngakhula, ngaqonda ukuthi nginendlela yami okumele ngiyihambe.
“Ngicabanga ukuthi nokuzinza isikhathi phesheya kwezilwandle kungenye yezindlela ebengizama ngazo ukubalekela ukubizwa ngomfowabo kaMark ekubeni nami sengizimele, ” kuqhuba umdlali.
Weneme ngakho konke okwenzeka empilweni yakhe lo mdlali waseKapa futhi ukube kuya ngaye ngabe bayanda abadlali baseNingizimu Afrika abafuna amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle.
Uke wadlala kwiDjurgårdens IF eSweden nakwiFarense ePortugal.
“Bekuyiphupho lami eminyakeni embalwa edlule ukugqoka ijezi leBafana nokudlala phesheya kodwa nakhu sengiyayiphila leyo mpilo. Lokhu kuwubufakazi bokuthi uma uzimisele ngento, umvuzo uyawuthola,” kusho uMihlali.
Ushaye igoli lakhe lokuqala kwiBafana ngonyaka odlule emdlalweni wakhe wokuqala. Ufisa kwenzeke okufanayo uma sebedudulana neLiberia.
“Ngizizwe ngihloniphekile ngishayela izwe lami igoli, ngakho-ke lo muzwa (engiwuzwile) ngifisa uhlale ukhona kimi yize ngiqonda ukuthi kusemqoka ukuqhubeka nokuzikhandla, ukuze iso (lomqeqeshi weBafana, uHugo Broos), lingeke lisuke kimina,” kuphetha yena.