UMQEQESHI weVenda Football Academy, uJoel Masutha, ugxeke abadlali bakhe ngokuzithela ngabandayo ekubeni iqembu lisengozini yokugawulwa yizembe ekupheleni kwesizini.
I-VFA ibuye nephuzu kuThongathi emdlalweni weMotsepe Foundation Championship ophele zibambene ngo 1-1 KwaMashu ngempelasonto edlule.
Abafana bakaMasutha bashaye igoli lokulinganisa kukade kuyiphenathi esiwombeni sesibili.
Emuva komdlalo ubasolile ngokungasiqondi isimo abakuso. IVenda isendaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-31 emuva kwemidlalo engu-27. Ihlukaniswe ngamaphuzu ayisishiyagalolunye nomkhaya bayo iBlack Leopards esemsileni ngawu-22.
"Ngiphoxekile ngendlela abadlali abawuthathe ngayo umdlalo ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Umuntu ongawazi amaqembu, ubengazitshela ukuthi Uthongathi yilona oluvika izembe, iVFA isendaweni yesithupha, eyesine noma ngaphezulu. Yikho ngidangele. Sisebenze kanzima, sihlele konke kodwa indlela esithathe ngayo umdlalo kade ingalungile. Uma uvika izembe udinga ukulwa kusukela kuqala umdlalo uze uyophela. Sekuwumdlalo wesine lona sidlala esiwombeni sesibili kuphela. Ngolunye usuku besingahlulwa. Kusukela manje ngizodlalisa abantu abangikhombisayo ukuthi bangalisindisa iqembu. Asikwazi ukubekezelela le nto. Asikwazi ukwenza sengathi siphezulu. Asiphephile. Abantu kufanele babone ukuthi leli qembu livika izembe,“ kusho uMasutha ngokudinwa.
Emidlalweni emithathu esalele i-VFA ngaphambi kokuphela kwesizini, emibili izoyidlala namaqembu alwela ukuwina iligi. NgoMgqibelo izokwamukela iCape Town Spurs esesicongweni se-log. Emuva kwalokho izovakashela iCasric Stars eMpumalanga. Izovala isizini neLeopards.
"Sidinga ukusebenza kakhulu emiqondweni yabadlali. Badinga ukwazi ukuthi kuchaza ukuthini ukungasebenzi. Badinga ukwazi ukuthi kunzima kangakanani ukuthola iqembu emuva kokugawulwa yizembe nelinye. Abanye bayazimisela kakhulu. Lokho kubalulekile ngoba kukhona abadlali ekupheleni kwenyanga uma behola, imali yabo eyobukhazikhazi ekubeni abanye benakekela imindeni. Ngicabanga ukuthi kufanele sibakhombise futhi senze isibonelo ngabadlali ababengamaqhawe kodwa manje asebedonsa kanzima," kusho uMasutha.
Uqhube wathi kunabadlali abanesipiliyoni eqenjini okukhona kubona uRhulani Manzini abakhulumayo nabasebancane ngesimo abazobhekana naso uma iqembu ligawulwa yizembe.
"Siyakhuluma nabo abadlali kodwa isizukulwane samanje sihlala sinezimpendulo. Bahlala bebona izinto ngendlela ehlukile. Kwesinye isikhathi kudingeka ubalandele ukuze bezokwenza umsebenzi abawuholelayo ekubeni abanye abantu behola imali encane emuva kokusebenza kusukela ngo-8 kuya ku-4 ntambama. Sidinga ukusebenzisa izinkakha, ikakhulukazi lezi esezikubone konke, ezinye zazo ezingasenalutho. Sidinga ukulanda nalezo ezisazabalaza. Mhlawumbe uma bezibona, bezwa kukhuluma zona bazovuka emaqandeni, " kuphetha uMasutha.