USALE egudla onondweba umqeqeshi weMarumo Gallants, uDan “Dance” Malesela, obasole ngokubenzela phansi ngezinqumo “ezixakile” abazithathayo.
UMalesela ovumile ukuthi ubecasukile, ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leGallants kulandela ukukhala kwabo ngaphansi ngo-3-2 kwiSekhukhune United, emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku, ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo.
Lo mphumela ushiye iGallants kunombolo-14 kwi-log. Esikhundleni sokuhlaba abadlali bakhe, uMalesela, usebenzise ithuba wakhuluma sakukhononda ebhekise konondweba abebephethe umdlalo, yize engazange abasho ngamagama.
Imbangela yokuthi uMalesela akhulume ngale ndlela ukuthi ngokwakhe iGallants iphikelwe unondweba, uMoses Kheswa, igoli esiwombeni sesibili.
“Angiyena umuntu ovamise ukucasulwa imidlalo ikakhulukazi imiphumela kodwa uma sizoqhubeka ngale ndlela, ibhola lethu ngeke liye ndawo,” kusho uMalesela emuva komdlalo.
“Sizama ngakho konke ukwakha abadlali abazokhulisa ibhola lakuleli, kukhona nabazama ngemali yabo ukubumba amaqembu aqinile.
“Sisebenza ngokuzikhandla nsukuzonke ngakho-ke uma imiphumela yemidlalo ingeke ikhishwe izithukuthuku zabadlali, ibhola laseNingizimu Afrika lizozithola lisenkingeni enkulu,” kusho lo mqeqeshi othe uzishaya isifuba ngabadlali bakhe yize bekhombise amandla esiwombeni sokuqala kodwa behlisa kwesesibili.
“Ngiyaziqhenya ngabo kodwa angazi ukuthi yini okufanele ngiyenze ukujwayeza abadlali bami ukuthi badlale ngale ndlela abadlale ngayo esiwombeni sokuqala ngoba uma bengenza lokho, alikho iqembu elingasimela.”
UBrendon Truter obewina okokuqala kusukela efikile kwiBabina Noko, uthe: “Isifiso sami ukuthi njengoba unyaka siwuqala kanje, kube iyona indlela esihamba ngayo kuze kuphele isizini.
“Besingeke sibahlule ngokomdlalo ngoba baqeqeshwa uDan (Malesela) kodwa ngiyithandile indlela abadlali bami abalwe ngayo uma kufanele nabebelihlikihla ngayo uma kufanele.”