KUVELA ezithi angase avumbuke kwiSwallows, umqeqeshi uDan " Dance" Malesela, ogcine ukubonakala kwiMarumo Gallants.
Leli phephandaba lithole ngomthombo walo ukuthi izingxoxo phakathi kweSwallows nalo mqeqeshi ziqale ekusombulukeni kwaleli sonto. Uthe sezikuvuthondaba.
Leli qembu lisanda kushiywa isigubhukane ngu-Ernest Middendorp (64) ojoyine iSV Meppen edlala eligini esesigabeni sesithathu ngakubo, eGermany.
Umenyezelwe yisikhulu saleli qembu ngoLwesibili njengoba kubonakala ukuthi inyanda izogcina yemuke nesibopho.
Umthombo uqhube wathi uma kuvunyelwane ngakho konke, uMalesela angase awuqale ngoMsombuluko umsebenzi kwiSwallows.
"Kubukeka (sengathi) izikhulu zeSwallows ziyamthanda uMalesela. Uma ngingaphosisi sekuphele izinsuku ezintathu lo mqeqeshi exhumana nazo.
“Okuzijabulisile wukuthi kule mpelasonto iqembu kalidlali njengoba kuqhubeka iNedbank Cup. Lizoze lidlale ngoLwesihlanu ne-Arrows (Lamontville Golden Arrows),” kubeka umthombo.
Uqhube wathi okukhulu kunakho konke wukuthi izikhulu zeSwalows zidunyelwa ngamakhanda, bezingakulindele ukushiywa nguMiddendorp ngale ndlela.
Kuthintwa uDavid Mogashoa, oyisikhulu esiphezulu seZinyoni, uthe uqala ukuzwa ngaleli phephandaba ukuthi bakhuluma noMalesela.
"Impela njengoba sishiywe nguMiddendorp bakhona abaqeqeshi esikhuluma nabo. Kodwa uMalesela lo ongibuza ngaye akekho. Sidinga umqeqeshi ngokushesha kwazise nesimo esikuso kwi-log asisihle neze," kubeka uMogashoa.
UMalesela usedume ngokuba wumqeqeshi ongumantunta nendishi. Eminyakeni edlule uke waphenduka ithoyizi likaSiviwe "Chippa" Mpengesi. Ubemxosha aphinde amlande uma izinto sezibheda.
NakwiTS Galaxy bekungesifanayo. Uphinde wahamba isigubhukane kwiRoyal AM ezinyangeni ezedlule. Naye lo mqeqeqeshi uze walibeka ngembaba elokuthi unebhadi. Uma iZinyoni zigcina ngokumthatha uhlalelwe wumthwalo wokuzisusa emaqenjini alengelwa yizembe kwiDStv Premiership.
IZinyoni zisendaweni ka-14 ngamaphuzu awu-24, emidlalweni ewu-22. Zilele isibili emaqenjini aseshaywe emidlalweni eminingi. Zihlulwe kweyishumi. Zilandela i-Arrows neMaritzburg United asebehlulwe kwewu-11. Kwezigcine ukuwudlala zibhaxabulwe kabuhlungu yi-Orlando Pirates ngo-4-1.