UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uVusumuzi Vilakazi, uhlabeke umxhwele ngomdlali, uNtsako Makhubela, abamboleke kwi-Orlando Pirates.
UMakhubela ujoyine iPirates esuka kuyona i-Arrows ngo-2021, eyintandokazi yabalandeli. Ufike kweZimnyama waphendulwa isibukeli ngabaqeqeshi abahlukene. Kule sizini, ngaphansi kukaJose Riveiro akadlalanga nowokubika umdlalo kwiPirates. Kunalokho, umfake emdlalweni weCarling Black Label Cup, wamdlalisa emuva kwesokudla ngenxa yokulimala kwezitobha. Emuva kwamahora ambalwa i-Arrows imemezele ukuthi isiboleke uMakhubela kweZimnyama, imqalisile umdlalo ibhekene neSuperSport United. Abafana Bes'thende banqobe ngo-2-1 kulo mdlalo weDStv Premiership KwaMashu ngoMgqibelo.
"Udlale kahle kakhulu kodwa uphelelwe wumoya sekuzophela umdlalo. Bekufanele kwenzeke lokho ngenxa yokuthi ukuba qatha kwakhe bekulindelekile ukuthi uzoba nenkinga yakho. Isizathu esenze samqalisa wukuthi ungumdlali we-Arrows. Ufike wasinika okuthize ngoba besifuna abadlali abakwazi ukuya phambili nebhola. Lokho kungenxa yokuthi besidlala neqembu esaziyo ukuthi ngeke limelane nathi ngokuyihlanganisa. Ngicabanga ukuthi mkhulu umsebenzi awenzile futhi singakhela phezu kwakho. Sisazobona okukhulu kuNtsako," kusho uVilakazi.
I-Arrows kade inengcindezi yokuqoqa amaphuzu kulandela ukuvala unyaka ngesibhaxu esithole kwiKaizer Chiefs. Ngaphezu kwalokho, iSuperSport kade isefomini kwazise kade isiwine imidlalo ilandelana.
"Sijabule kakhulu. Besiwadinga kabi la maphuzu amathathu. Kodwa engicabanga ukuthi kufanele ngikubalule wukulandela imiyalelo esikhulume ngayo kwabadlali. Siwulungiselele kakhulu lomdlalo ngoba besazi ukuthi sidlala neqembu elinzima, iqembu eliwinayo. Emidlalweni eyisishiyagalolunye liwine eyisikhombisa, ladlala ngokulingana emibili. Ngakho bekungeke kube lula," kusho uVilakazi.
Umqeqeshi weSuperSport, uGavin Hunt, ubephelelwa ngamazwi emuva komdlalo wagcina ekhala ngezinqumo ezimbili sikanompempe athe yizona ezibalahlekisele ngamaphuzu. Amatsatsantsa adonsa kanzima maphakathi emuva kulandela ukulimala kwezethenjwa uThulani Hlatshwayo noThatayaone Ditlhokwe. Izikhala zabo zivalwe nguLuke Fleurs okuvele ukuthi ufuna ukuya kwiKaizer Chiefs noSiyabonga Nhlapo ojwayele ukudlala emuva kwesokudla.