UMDLALI wasesiswini we-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula, ulobizela ukuthola isikimu emdlalweni wabakhaya baseSoweto, weDStv Premiership abazowudlala neKaizer Chiefs.
EZimnyama zizovakashela iChiefs eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. UMakhaula, osayine kwiPirates esuka kuMaZulu ngenyanga edlule, ngomunye wabadlali abazozwa umuzwa wokudlala kowabakhaya okokuqala. Selokhu ejoyine iPirates uMakhaula akakaze awuqale umdlalo. Unenselelo yokukhombisa abaqeqeshi ukuthi ufanele ukuthola ithuba lokudlala kulo mdlalo ohlukanisa phakathi uMzansi wonke.
"Kujwayelekile kimina ukungasheshi ngithole isikimu. KuMaZulu angifikanga ngathola ijezi. Kwadingeka ngiphakamise isandla. Ejimini lapha kwiPirates ngihlala ngikhombisa ukuthi ngifuna ukudlala ngisho sidlala imidlalo yobungani. Ngakho ngicabanga ukuthi umqeqeshi angangiqalisa umdlalo," kusho uMakhaula kwabezindaba ngoMsombuluko.
"Bengihlala ngifuna ukudlala lo mdlalo (wabakhaya). Sekunesikhathi ngidlala kwiPSL. Bengikufuna kabi ukudlala umdlalo wabakhaya baseSoweto. Leli yithuba lami lokudlala umdlalo wabakhaya wokuqala. Bengihlele ukugaxa amakhokho emgibeni ngigijima kuMaZulu ngenxa yeminyaka yami esikuleso sigaba. Kodwa ngesikhathi kufika iPirates angikwazanga ukuyiphikisa noma ngibheke emuva. Kudingeke ithuba ngilibambe ngezandla zombili ngoba kuyiphupho labo bonke abadlali ukudlalela elinye lamaqembu amakhulu."
Ukujoyina iPirates kukaMakhaula kwenzeke emuva kwezinsuku kuvele ukuthi uyanqaba ukuvuselela inkontileka noSuthu.
"Kungimangazile. Kodwa imenenja yami (Sizwe Ntshangase) ibihlala ikhuluma ngakho nami. Ingifonele ebusuku yangitshela ukuthi ngiyahamba. Angikholwanga. Bengijabule ngoba umndeni wami ulapha futhi yiqembu ebengihlala ngifisa ukulidlalela. Ngakho kufezeke iphupho," kusho uMakhaula.
"Emuva kokuthola ukuthi ngiya kwiPirates angilalanga. Awukwazi ukulala uma udlalela iqembu elikhulu njengaleli. Akubange kusalaleka. Ngihlalile ngabuka ithelevishini, izingcingo zingena zilakanyaba. Kudingeke ngiluvale ucingo. Abantu abaningi bebengijabulele, ikakhulukazi umndeni wami obungeseka nabalandeli be-Orlando Pirates bengifisela okuhle."