UKAPUTENI waMaZulu FC, uMakhehleni Makhaula, ufuna basebenzise imidlalo emine abazoyidlala neKaizer Chiefs ukugcwalisela ukuthi sebelishintshile ishobolo leminyaka lokudlala Amakhosi.
Ukuqhathwa koSuthu neChiefs kowandulela owamanqamu weMTN 8, kuqinisekise ukuthi la maqembu azogadulisana izikhawu ezine kule sizini. Azodlala kabili koweligi, aphinde agadulisane emilenzeni emibili yeMTN8 ngo-Okthoba.
Kumasizini adlule, ngenxa yomlando wokuwina kweChiefs uma ibhekene naMaZulu, bekungaba lula ukusho ukuthi umphumela uzoma kanjani. Nokho kusukela Usuthu luthathwe ngumphathi omusha, uSandile Zungu, iChiefs isithwala kanzima.
Emidlalweni eyisihlanu yakamuva, AmaZulu awine emibili, zadlala ngokulingana kwemibili, iChiefs yanqoba kanye.
"Irekhodi lethu neChiefs leminyaka edlule, alilihle kodwa likhombisa ukushintsha kumasizini ambalwa esiphuma kuwona ngenxa yokuthi sinabadlali abasezingeni eliphezulu futhi abanesipiliyoni manje. Njengoba sizodlala nayo amahlandla amane kule sizini, leli yithuba lokulishintsha unomphela leli rekhodi. Sizimisele ukuyehlula iChiefs kuyona yonke le midlalo. Yebo, amaphuzu siyawadinga ukuze sihlale kwi-ligi futhi indebe iyibhonasi kithina kodwa ngeke siyikhethe imidlalo," kusho uMakhaula.
USuthu luzoqala ngokuvakashela iChiefs emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo, ngo-5.30 ntambama. Luzobe lushayela phezulu kulandela ukwehlula iCape Town City koweMTN 8 eKapa, ngempelasonto edlule. Amakhosi aphume ngembono yenalithi kwiStellenbosch emdlalweni ophele sekushaywa amaphenathi. Iqhawe kube ngunozinti u-Itumeleng Khune.
"Isipiliyoni sikaKhune siyisebenzele kakhulu iChiefs ngoba uyakhuluma, alawule udonga lwakhe lwasemuva nabadlali basesiswini. Yikho kubenzima kwiStellenbosch ukushaya igoli, yagcina ithola igoli ngenxa yephutha. Nathi kufanele siwasebenzisa amaphutha abazowenza. Ukuba khona kwakhe kwenyusa ukuzethemba eqenjini lonke," kusho uMakhaula.
"Nathi kufanele siyilungise eyokungenelwa yigoli kuqala ngoba kunzima ukubuya. Kweminye imidlalo besiphumelela ukubuya ngisho sekwenzekile lokho kodwa uma sidlala namaqembu amakhulu kufanele sikugweme ngayo yonke indlela."