I-ORLANDO Pirates yandise izinkinga zeKaizer Chiefs iyiguqisa ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership yomkhaya baseSoweto, eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ntambama.
Ukulimala kukaThabiso Monyane kusaphele imizuzu eyisikhombisa kuqale umdlalo kuphoqe uguquko olusheshayo kwiPirates ifaka uBandile Shandu endaweni yakhe.
Ngomzuzu ka-10 uDolly ucishe wabeka iChiefs phambili ehlula unozinti wePirates, uMelusi Buthelezi obephumile emapalini, kodwa uShandu wasusa umhlola ekhaya.
Kungakapholi maseko kuphume uMonyane ngokulimala, kuphinde kuphinde kwalimala u-Erasmus naye eselimele ngomzuzu ka-19, indawo yakhe yathathwa nguRelebohile Mofokeng.
Engena nje uMofokeng, iPirates ithole igoli ngomzuzu ka-20 u-Evidence Makgopa evalela phakathi igoli lakhe lokuqala kowomkhaya baseSoweto, eqedela ibhola ebeligotshwe nguShandu.
IPirates icishe yathola elesibili ngomzuzu ka-34 ngesikhathi ethumela ibhola elibi kodwa unozinti weChiefs, u-Itumeleng Khune walichitha, kwaba yi-free kick. Kuze kwayiwa ekhefini unozinti wePirates, uButhelezi, engavimbanga nelilodwa ibhola elibi.
Ukucwila kukaDolly ngesiwombe sokuqala, kuholele ekutheni angasabuyi ngesiwombe sesibili indawo yakhe isithathwe nguPule Mmodi.
Umqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson, ebona ukuthi igoli alitholakali wenze izinguquko ngomzuzu ka-61 efaka abadlali ababili uChristian Saile ongene endaweni kaRanga Chivaviro, noMduduzi Shabalala ongene endaweni kaNkosingiphile Ngcobo.
Nebala ukungena kukaSaile noShabalala kube nomnyakazo, yaqala iChiefs yakwazi ukuhlasela. Ngomzuzu ka-66 u-Edson Castillo ucishe watholela iChiefs igoli lokulinganisa engqofa ngekhanda ibhola eliphebezwe nguButhelezi kwaba, yi-corner kick.
Ngomzuzu ka-81 uKhune uvimbe ibhola elibi ebelishaywe nguPatrick Maswanganyi, nokuyilona elicishe lanika Pirates igoli lesibili kulo mdlalo. Kanti uSaile ugeje ibhola ebelizoba yigoli lokulinganisa leChiefs ngomzuzu ka-93.
Ukunqoba kweZimnyama kulo mdlalo womkhaya baseSoweto, kusho ukuqeda kokukhonya kwaMakhosi kowomkhaya njengoba ibisinqobe amahlandla amahlanu kulandelana kusukela ngo-2021.
Kanti futhi ukuguqa kweZimpofana ezivele zingenzi kahle selokhu kuqale le sizini, kusho ukuqhubeka kokuba wukudla kwenduku kuleli ebeselishaywa okwesithupha kweyeligi kule sizini, kanti ukunqoba kweZimnyama kusho ukuxaxama kwi-log njengoba isisendaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership.
Imiphumela yeDStv Premiership:
Kaizer Chiefs 0-1 Orlando Pirates
Polokwane City 0-0 Moroka Swallows