UMDLALI weCape Town City, uFortune Makaringe, uveza ukuthi imidlalo edlule ibacacisele ngokuningi okumele bakulungise.
Lo mdlali oyibamba phambili nesisu, ungomunye wabadlali abachithwe i-Orlando Pirates ngesizini edlule. Ijezi bese elizwa ngendaba. Wayefike kuyo ngesizini ka-2019/20 ephuma kwiMaritzburg United eseyaziwa ngeDurban City.
Kubukeka efike kumaCitizens wayithola indawo yakhe.
Ubekhona ngesikhathi iqembu lakhe elisha lishaya iSekhukhune United kowama-quarterfinal eMTN8.
Udlalile nasemilenzeni emibili eyandulela amanqamu alo mqhudelwano abayidlale neZimnyama.
Kowokuqala lama qembu abambana ngo-1-1, kowesibili iqembu lakhe elisha lakhala ngaphansi ngo-2-0.
UMakaringe, uphinde walithola ithuba nangempelasonto edlule bebambana ngo-1-1 neRoyal AM, eHarry Gwala Stadium. Namuhla ezakhe zizobhekana nomkhaya bazo, iStellenbosch, ngo-7.30 ebusuku, e-Athlone Stadium.
Uveze ukuthi akumphathanga kahle ukuphuma kwiMTN8 phezu kokuba bebenalo ithuba lokufinyelela kowamanqamu eMTN8.
"Ngokwami kwakumele siqede ngePirates emlenzeni wokuqala walo mqhudelwano. Sayeka inqwaba yamathuba ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Nasemlenzeni wesibili ngiyakholelwa ekutheni besingenza kangcono. Bekuzoba into enhle ukufika kwiCape Town City nginqobe inkomishi.
“Akusenani isekhona eminye imiqhudelwano. Leli qembu linomlando wokunqoba izicoco. Kuyisifiso sami ukuthi liqhubeke," kubeka uMakaringe.
Uqhube wathi akuqaphelile emidlalweni edlule ukuthi bayeke inqwaba yamathuba.
"Siyazama ukulwa nale nkinga. Nasemuva kumele singazivumeli izitha ukuthi zizenzele umathanda. Kusiphathe kabi sinozakwethu ukubona iRoyal AM ishaya igoli lokulinganisa sewuyophela umdlalo. Bekumele sibuye namaphuzu amathathu eMgungundlovu. Okuhle ukuthi iligi isaqala, sinaso isikhathi sokuqinisa lapho kuxega khona."
UMakaringe uthe nakuba uzoba nzima umdlalo weStellies kodwa kumele balwele ukuthola amaphuzu amathathu.
"Uzenzile akakhalelwa. Njengoba siyeke amaphuzu amathathu kwiRoyal AM, kulokhu kuyasiphoqa ukuthi sinqobe noma kanjani kowomkhaya. Kuzoba umdlalo omnandi, angingabazi ukuthi abalandeli bethu bazowuthokozela," kusho uMakaringe.
Emdlalweni iStellenbosch egcine ukuwudlala ibabambane ngo-1-1 ne-AS Vita yaseDRC kowukuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo. Ayivulanga kahle kwiligi njengoba ikhale ngaphansi kwiLamontville Golden Arrows ngo 2-0 ngesonto eledlule.