UMGADLI waMaZulu FC, uLehlohonolo Majoro, ubona ithuba elihle lokuqopha umlando neqembu elamnika ithuba lokudlala ibhola elikhokhelayo uma sebebhekene ne-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo.
UMajoro (36) waqala ukubonakala esigabeni esiphezulu oSuthwini ngesizini ka-2010/2011, waqeda sizini esehlohle amagoli angu-14.
Lokho kwaholela ekutheni athengwe yiKaizer Chiefs, waphinde wadlalela iPirates, Cape Town City neBidvest Wits, ngaphambi kokubuyela kuMaZulu ngesizini ka-2019/2020.
Njengoba Usuthu luzogadulisana nePirates eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, uMajoro uthe bazimisele ukulisebenzisa leli thuba eliyingqayizivele.
Wayengakafiki eqenjini ngoMeyi ka-2010 ligcina ukungena kowamanqamu weNedbank Cup, lapho laxetshulwa khona yiWits ngo 3-0 eFNB Stadium.
"Sizodlala kowamanqamu weMTN8 okusho ukuthi ngisethubeni lokufeza iphupho lokudla isicoco noSuthu. Sengake ngaziphakamisa izindebe namanye amaqembu kodwa lokhu kungasho lukhulu kimina," uqhube kanje.
"Yize umdlalo wamanqamu uzodlalelwa eThekwini futhi enkundleni esiyijwayele iMoses Mabhida Stadium, kusemqoka ukuthi singene nemiqondo ehluzekile ngoba sizodlala neqembu elisezingeni eliphezulu, i-Orlando Pirates.
"Nabo balwile ukuze bangene kowamanqamu kodwa ngikholwa wukuthi nathi sineqembu eliqinile elingakwazi ukuqopha umlando liphakamise indebe okokuqala eminyakeni engu-30."
Ekupheleni kwesizini edlule amaqembu amaningi abadedelile abadlali abaneminyaka engaphezu kwengu-35 kodwa uMajoro akanaluvalo ngekusasa lakhe futhi usazimisele ngokudlala iminyaka eminingi ezingeni eliphezulu.
"Eqinisweni angikayicabangi nokuyicabanga eyokuyeka ibhola. Ngizizwa ngisenamandla futhi ngisalambele ukuzuza okuningi kulo mdlalo. Njengamanje ngidlalela iqembu engaqala kulona ukudlala ibhola elikhokhelayo ngo-2010 futhi ngisazimisele ukuqopha umlando nalo," usho kanje.
"Ngibukela kubadlali abaningi, okubalwa kubona nabagijima phesheya njengoCristiano Ronaldo. Usekhulile ngokweminyaka kodwa uma ubheka indlela azinakekela ngayo kuyacaca ukuthi kungani esengomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni
"Ngibe nenhlanhla ngathola ithuba lokusebenza ngaphansi komqeqeshi uSiyabonga "Bhele" Nomvethe, naye owadlala isikhathi eside. Wangicobelela ngolwazi wangitshela ukuthi yiziphi izinto ezamsiza ukuthi azigcine esesimeni esihle.
"Engikutholile ngokuxoxa naye nokuthola ulwazi ngabanye abadlali wukuthi kabagcini ngokuzilolonga kuphela kodwa futhi bazinika isikhathi esanele sokuphumula ukuze imizimba yabo ikwazi ukuzivuselela.
"Ngisakuthokozela ukugijima enkundleni kodwa uma sekufike isikhathi sokuthi ngiyeke umzimba wami uyongitshela."
Lo mdlali uphinde waphawula ngobudlelwano asanda kubuqala neThe Harvest Table, okuyinkampani ezinze KwaZulu-Natal ekhiqiza izakhamzimba.
"Bangibona ezinkundleni zokuxhumana sabe sesihlela umhlangano nokuyilapho kwacaca khona ukuthi sikhuluma ulimi olufanayo mayelana nokubaluleka kokudla ngendlela efanele nokulekelela imizimba yethu," kusho uMajoro.
"Njengomdlali webhola kubalulekile ukuthi ngisize umzimba wami ukuthi usheshe ululame kodwa banemikhiqizo eminingi engasetshenziswa yinoma ngubani.“